Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ijaji liyalele umndeni kaMabuza ukuba ulungise izinkinga zawo ngale kwenkantolo

Ijaji liyalele umndeni kaMabuza ukuba ulungise izinkinga zawo ngale kwenkantolo

by | 30 September 2025

INKANTOLO eNkulu yaseMpumalanga iyalele ukuba kumiswe ukukhokhelwa kwenkosikazi kalowo owayengu Sekela Mengameli wezwe, uMnu David Mabuza imali yefa engaphezu kuka-R40 million. Lokhu kwenzeke namuhla ngesikhathi iJaji elibambile uJohannes Roelofse, liyalele khona inkampani egcine lemali yempesheni kaMabuza ewu-R44,7 million i-Alexandra Forbes ukuba ikumise ukukhokhelwa kuka-Nkz Patience Mnisi, oyinkosikazi kaMabuza.

Lesi simangalo safakwa yindodakazi kaMabuza uNkz Tamara Silinda (24), owaveza ukuthi unina washada noMabuza ngokwesintu. Emaphepheni afakwa enkantolo uTamara waveza ukuthi ukubona kuyinto engafanele ukuthi imali kayise ikhokhelwe umuntu oyedwa, kushaywe izingane zikaMabuza ngesithende. Waveza ukuthi kule mali udinga uR127 990 wokukhokhela izifundo zakhe zobudokotela ngonyaka, kanye no-R40 000 wesondlo zinyanga zonke, ukuze akhokhele indawo yokuhlala, athenge ukudla, ezokuthutha uma eya enyuvesi kanye nezidingo zakhe zempilo.

Lesi senzo sikaTamara sesekwa nangamanye amalungu omndeni wakwaMabuza okubalwa kuwo udadewabo (kaMabuza) uNkz Zandile Mabuza owaveza ukuthi yena namanye amalungu omndeni akholwa wukuthi izingane zikaMabuza kumele zihlomule nazo efeni likayise. Kuyo lenkantolo kuphinde kwavela ukuthi nakuba igama lika Nkz Mnisi liveza njengozokwengamela lelifa kodwa uMabuza wayesezinhlelweni zokukushintsha lokho ngaphambi kokushona kwakhe. Ijaji liveze ukuthi linquma ukukumisa ukuba yonke imali ikhokhelwa uNkz Mnisi ukuze igcineke iphephile. Linxuse umndeni ukuba ulungise izinkinga zawo.

“Ngiyacela nasemndenini wakwaMabuza ukuthi nizame ukuyilungisa ngaphandle le nkinga. Yebo amacala aloluhlobo ayangena ezinkantolo kodwa isiphetho sawo kuba yisilonda sangunaphakade kwabanye njengoba inkantolo ivuna uhlangothi olulodwa olusuke lunobufakazi obuqinile,” lisho.   

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...