Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UZimdollar uthi useshayisa emicimbini kamaskandi

UZimdollar uthi useshayisa emicimbini kamaskandi

by | 8 April 2026

USENIKA abanye ithuba lokukhula kwezokuphathwa kwemicimbi kamaskandi umsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela, osethi khumu ekuphatheni izinhlelo zayo. 

Uthi sekuyisikhathi sokuthi abaphathi bezinhlelo abasakhasa banikwe ithuba lokuzithuthukisa kulo msebenzi. Utshele ILANGA ukuthi njengoba esegxile nakwezamabhizinisi, nawo asemxake kakhulu. 

Uthe usezimisele ngokubhekana ngqo namabhizinisi, njengoba esevule amakhemisi esintu, ezibizwa nge-UKM Organics KwaMaMkhulu.

“Baningi abantwana abakhulayo, okubukeka benentshisekelo yokufika kuleli zinga ebesikulona kwezokuphathwa kwemicimbi. Sengimdala, amadolo kawasavumi, ngeke ngikwazi ukusebenza ebusuku emicimbini yomaskandi,” kusho uZimdollar.

Utshele leli phephandaba ukuthi imicimbi okungeyona eyomculo kamaskandi, uzoyemukela. Uthe uma ufuna ukuphatha ngempumelelo imicimbi kamaskandi, kufuneka ukuthi wazi nomculo oshisayo wabaculi ngaleso sikhathi.

“Kangisenaso isikhathi sokulalela amaciko, ngixakekile empilweni, kumele ngibale amasenti engiwathola ngebhizinisi lami manje. Okunye okufanele kube sobala, wukuthi isikhathi siyafika sedlule empilweni. Kunabahleli bemicimbi enginobudlelwano obuhle nabo, asebezophoqeleka ukuba bangiqashe noma ngabe kangisekho ematheni, ngenxa yokuthi nje bavikela ubudlelwane bethu. 

“Akulona icebo elihle lelo. Ngifuna nje bakhululeke abahleli, baqashe umuntu odingekayo ngaleso sikhathi, ozokwazi ukuqoqa izihlwele,” esho.

Uthi njengoba esevule izitolo ezilinganise-lwa ku-10 ezindaweni eziningi, kuningi okufanele abhekane nakho. Ngesonto eledlule uvule isitolo esisha eMpangeni, mhla ka-15 kwephezulu uzosivula ePretoria, mhla ka-2 kuNhlaba (May) uzosivula eNewcastle. Okwamanje unezitolo eSoweto eBara, eGoli; eRichards Bay, eMgungundlovu, eThekwini eSphingo Mall, ePinetown nakwezinye izindawo.

“Akukho okubi okwenzekile phakathi kwami nabahleli bemicimbi,” kusho uZimdollar. Uthe isikhathi esiningi usesisebenzisela ekwenzeni ucwaningo ngamakhambi esintu, azosiza abantu bese ewafaka ezitolo zakhe.

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...