
UNGQONGQOSHE eHhovisi likaMengameli, uNkz Khumbudzo Ntshavheni uthi ikhabinethi ikhathazekile ngabantu abakhuluma izinto ezingamampunge ngezwe laseNingizimu Afrika.
Lokhu kulandela izinkulumo esezisabalelle, ezithi abalimi abamhlophe abangu-72 000, sebelifulathele leli, bafudukela eMelika.
Emasontweni edlule uMengameli weseMelika, uMnu Donald Trump, wabamema abalimi abamhlophe, wathi bangeza ezweni lakhe, uzobenza ababaleki (refugees), bagcine sebeyizakhamizi zakhona. Lokhu kweza ngemuva kokusabalala kwemibiko ethi abalimi abamhlophe bayabulawa kuleli.
UNgqongqoshe uNtshavheni, uthi abekho abalimi abafudukayo, abashiya leli zwe.
“Ngokwezibalo zeAgri-SA, iStats SA, noMnyango wezoLimo kuZwelonke, bangu-41 000 abalimi abamhlophe kuleli Lo 72 000 wabalimi okuthiwa sebethuthele eMelika uvela kuphi? Yinto engekho lena, kuhloswe ukudukisa abantu nje, nokwakha isithombe esibi ngezwe lethu,” esho.
Injinga eyazalelwa eNingizimu Afrika, esizinze eMelika, esondelene noTrump, uMnu Elon Musk, kuthiwa nguyena obehamba phambili, etshela umhlaba ukuthi umthetho wokuthathwa komhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, oshaywe nguhulumeni wakuleli, kuhloswe ngakho ukuqeda nya ngomhlaba wesizwe samaBhunu.
Lokhu kwalandelwa yithimba lezinhlangao ezilwela amalungelo amaBhunu, iSolidarity ne-Afriforum, ezaya eWhite House, eMelika, zikhala ngokuthi amaBhunu kawaphethwe kahle nguhulumeni waseNingizimu Afrika.
Ngenxa yalezi zinkulumo, uTrump wanqamula uxhaso lokusabalalisa imishanguzo iMelika ebelunika iNingizimu Afrika. IMelika iphinde yakhomba indlela, uMnu Ebrahim Rasool, ubeyinxusa lakuleli eMelika.