Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kufe 33 kweqa iziboshwa ezingaphezulu kuka-1500 eMozambique

Kufe 33 kweqa iziboshwa ezingaphezulu kuka-1500 eMozambique

by | 26 December 2024

Siyaqhubeka nokuba manzonzo isimo ezweni elingumakhelwane weNingizimu Afrika, iMozambique, njengoba imibhikisho ithe chithi saka, izinkumbi ziphikisana nemiphumela yokhetho lwakamuva kuleliya lizwe.

NgoMsombuluko inkantolo yakuleliya lizwe ikuqinisekisile ukuthi ukhetho lwangoMfumfu (October) lunqotshwe yinhlangano osekunesikhathi eside ibusa khona, iFrelimo.

Izolo ngosuku lukaKhisimusi, kufe abantu abawu-33, kwalimala bawu-15 ngesikhathi kusuka uthuthuva, kweqa iziboshwa ejele laseMaputo. Kubikwa kuthi kweqe iziboshwa ezingaphezulu kuka-1500, kantu eziwu-150 zazo ziphinde zabanjwa, ngokusho komkhuzi wamaphoyisa akuleliya lizwe uMnu Bernardino Rafael.

Sekuphele amasonto isimo sisibi eMozambique njengoba iningi libhikisha, likhala ngokuthi kube nesandla semfene ekubalweni kwamavoti. Le mibhikisho iphazamise ukuhamba kwezinto emingceleni yakuleli nelaseMozambique, kwaba khona nokubambezeleka kokuthuthwa kwempahla.

Kunokwesabela ukuthi isimo saseMozambique singaba nomthelela wokuthi abantu bafudukele kuleli ngobuningi. Abanye banxuse uhulumeni ukuba wandise isibalo samasosha emingceleni.

“Kakumele sivumele ukuba kuwe iMozambique, njengoba sabuka kwenzeka eZimbabwe. INingizimu Afrika iyachaphazeleka uma kuwa amazwe angomakhelwano bayo,” kusho uMholi weBuild One SA, uMnu Mmusi Maimane.

Khonamanjalo uhulumeni wakuleli usumemezele ukuthi umi ngomumo ukungenelela eMozambique uma udingeka.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...