Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Ikhehla (75) liqophe umlando ligijima iComrades ka-50

Ikhehla (75) liqophe umlando ligijima iComrades ka-50

by | 9 June 2025

UQOPHE umlando Louis Massyn eba ngumsubathi wokuqala ukugijima iComrades Marathon amahlandla awu-50. Weqe intambo ngesikhathi esiwu-11:53:14, kulo mjaho obuyizolo, osukele eMgungundlovu wasongwa eThekwini.

UMassyn kuthiwa uqale ukuba yingxenye yalo mjaho ngo-1973 kanti iminyaka angakwaza ukuyigijima ngayo yingesikhathi kupheduke iCovid-19.

Lo msubathi, oneminyaka ewu-74, uthi umjaho walo nyaka ubunzima kakhulu.


“Ngijabule kakhulu ngokukwazi ukuqeda umjaho wami ka-50. Ngeke ngiqambe amanga, bekunzima. Ngibonga kakhulu ukwesekwa ebengikuthola emgwaqweni. Abantu bangigqugquzela, banginike omkhulu umdlandla,” kusho uMassyn obechichima injabulo.

Umjaho walo nyaka unqontshwe nguGerda Steyn noTete Dijana (kwabesifazane), bakhala bemuka no-R874 000 ngokwehlukana kobulili, kwathi uJenet Mbhele noBongumusa Mthembu abathole amagolide kulo mjaho, bahlomula ngo-R60 000 ngaphezulu ophuma kuMnyango wezeMidlalo KwaZulu-Natal, oholwa nguMntomuhle Khawula.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...