Ilanga News
Home 9 Featured 9 Inkabi ichaze ngokungena kukaMchunu etulweni lokubulala unina wengane

Inkabi ichaze ngokungena kukaMchunu etulweni lokubulala unina wengane

by | 18 March 2026

“INKABI” igeqe amagula, yachaza ngezizathu ezaholela ekutheni uMnu Thokozani Sgci Mchunu, agcine eyingxenye yokwakhiwa kwetulo lokubulawa kukanina wengane yakhe, uNkz Noluthando Khomo.

“Inkabi” ingufakazi wombuso ecaleni elibhekene noNkk Nomusa Mchunu noMnu Thokozani Sgci Mchunu. Laba babhekene namacala awu-7, okubalwa nelokubulala uNkz Noluthando Khomo. Lezi zizathu zivezwe nguMnu Sibusiso “Gadaffi” Ndlovu, owayekhona kuhlelwa amacala.

UNdlovu utshele inkantolo ukuthi ngemuva kokuvela kwezindaba zokukhulelwa kukaNkz Khomo, uNkk Mchunu waqala wenza imizamo “yokumgudluza”. Uthi lezo zinhlelo zangoMbasa (April) 2017, kaziphumelelanga.

“Waqala wazibhalela imiyalezo ezithuka ukuze umyeni wakhe abone sengathi ngumufi omthukayo. Kwathi uma kungasebenzi lokho, wenza izigameko zokuthi uhlaselwe yizinkabi ezifuna ukumbulala, futhi egcizelela ukuthi zithunywe ngumufi. 

“Lokhu kwaphoqa ukuhlale simqaphile, mina nomunye umzala wakhe. Kwesinye sezigameko, sathola ucingo luphuma kuNkk Mchunu, ethi usehlaselwe ngezibhamu. Safika izimbobo zezinhlamvu zigcwele udonga nesicabha, yize sasazi (nomzala wakhe) ukuthi kwakuyinto ehleliwe,” esho. 

UNdlovu utshele inkantolo ukuthi uNkk Mchunu wayegcizelela ukuthi sekuyisikhathi sokuziphindiselela kumufi. Uthi yilapho uMnu Mchunu aqala ukukhombisa ukukhathazeka ngalokhu kuhlaselwa. Uthi waphakamisa ukuthi kumele kutholakale isibhamu esikhulu, sohlobo lwe-AK47, okuzophindiselwa ngaso. Uthi umzala kaNkk Mchunu wabatshela ukuthi angasithola ngo-R5 000.

“Wanikwa imali, wabe esenyamalala impelasonto yonke, okwa-thi sesimthola, sathola ukuthi kusele u-R800 emalini ayeyini-kiwe. UMchunu wabe esemxosha kwakhe, kwadingeka ukuba kutholwe omunye umuntu ozoba ngunogada kaNkk Mchunu. 

“Yilapho-ke okwangena khona uSanele “Tinky” Ngcobo (inkabi okuthiwa yiyo eyabulala umufi, nayo yabulawa), yafika izoba ngunogada,” esho.

Uthi ekuhambeni kwesikhathi, uMchunu wabe eseqhamuka necebo lokuthi kubulawe unina wengane yakhe. Uthi wathi kuzodingeka abantu ababili abazozenza amaphoyisa, abazokhipha umufi kubo. Wathi kuzodingeka nemoto efana neyamaphoyisa.

“Ngathi uma ngibuza ukuthi imoto izokwenziwani ngemuva kokuphothulwa kohlelo lwakhe, wathi umfowabo akanamoto, uzoyinika yena. Kweyomfaniswano wamaphoyisa, wathi masingakhathazeki. sambona esebuya nawo ngakusasa. NguTinky owayezohamba ngoba mina umufi wayengazi kahle. Safuna umuntu wesibili ayezohamba naye, kwagcina kuvele
omunye umlisa,” esho.

UNdlovu ubusonge lapho ubufakazi bakhe njengoba ekhale ngokungazizwa kahle, kwazise uhamba ngesihlalo esinamaso-ndo ngemuva kokuhlaselwa, oku-yanyaniswa nokuba wufakazi waleli cala. 

Utshele inkantolo ngencwadi kadokotela, ebithi akumele afakaze kuze kube inamuhla ngoba udinga isikhathi esanele sokuphumula. IJaji uNamhla Siwendu, liliguqisele usuku olulandelayo icala, yize uNdlovu ebesafisa ukuqhubeka nokwethula ubufakazi bakhe. 

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...