Ilanga News
Home 9 Featured 9 UMseleku uchitha esobukhansela kuSne

UMseleku uchitha esobukhansela kuSne

by | 8 September 2026

YIZE sisabalele ezinkundleni zokuxhumana isithombe sikaSne Mseleku oyindodakazi kasaziwayo, uMusa Mseleku ukuthi uzoba yikhansela le-All Natives of South Africa (ANOSA) ngaphansi kukamasipala iRay Nkonyeni, uyise uthi ayikho leyonto.

ILANGA likhulume noMusa Mseleku ngalezi zindaba othe indodakazi yakhe ayikho ezindabeni zepolitiki futhi ayisoze yaba kuzo.

“Ingamanga lento evelayo, uSne akakungenelile ukuba yikhansela. Bake bazama ukukhuluma naye bemcela ukuthi angenele esobukhansela wakunqaba lokho. Akangenele futhi akasoze alungenela ukhetho,” kusho uMseleku.

Uthe labo abasabalalisa indaba yokuthi uSne ungenele esobukhansela okwabo lokho yena njengoyise uyakuqinisekisa ukuthi yinto engekho.

Izindaba zokungenela ukhetho kukaSne zisabalale emva kokubonakala koqwembe olunesithombe sakhe kunxuswa ukuthi kuvotelwe le ntokazi egqame kuhlelo lwethelevishini  Uthando Nes’thembu noLwezingane Ze’thembu kuMzansi Magic.

Inamba yocingo efakwe kulolu qwembe ithi akufonelwe kuyona kuvela ukuthi akusiyona eyakhe uSne, kodwa kuvela igama likaSiya Thango okuthiwa ungunobhala waleli qembu. ILANGA liyifonelile ibikhala kodwa ingabanjwa. Bekuze kuvele kwiTruecaller ukuthi akuyona eyalo saziwayo wethelevishini kodwa ekaThango.

Emva kokusabalala kwalolu qwembe olunoSne abantu bahlekisa ngaye ezinkundleni zokuxhumana besho izinto abazisusela ohlelweni lwabo lwethelwethelevishini.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...