Ilanga News
Home 9 Featured 9 UMseleku uchitha esobukhansela kuSne

UMseleku uchitha esobukhansela kuSne

by | 8 September 2026

YIZE sisabalele ezinkundleni zokuxhumana isithombe sikaSne Mseleku oyindodakazi kasaziwayo, uMusa Mseleku ukuthi uzoba yikhansela le-All Natives of South Africa (ANOSA) ngaphansi kukamasipala iRay Nkonyeni, uyise uthi ayikho leyonto.

ILANGA likhulume noMusa Mseleku ngalezi zindaba othe indodakazi yakhe ayikho ezindabeni zepolitiki futhi ayisoze yaba kuzo.

“Ingamanga lento evelayo, uSne akakungenelile ukuba yikhansela. Bake bazama ukukhuluma naye bemcela ukuthi angenele esobukhansela wakunqaba lokho. Akangenele futhi akasoze alungenela ukhetho,” kusho uMseleku.

Uthe labo abasabalalisa indaba yokuthi uSne ungenele esobukhansela okwabo lokho yena njengoyise uyakuqinisekisa ukuthi yinto engekho.

Izindaba zokungenela ukhetho kukaSne zisabalale emva kokubonakala koqwembe olunesithombe sakhe kunxuswa ukuthi kuvotelwe le ntokazi egqame kuhlelo lwethelevishini  Uthando Nes’thembu noLwezingane Ze’thembu kuMzansi Magic.

Inamba yocingo efakwe kulolu qwembe ithi akufonelwe kuyona kuvela ukuthi akusiyona eyakhe uSne, kodwa kuvela igama likaSiya Thango okuthiwa ungunobhala waleli qembu. ILANGA liyifonelile ibikhala kodwa ingabanjwa. Bekuze kuvele kwiTruecaller ukuthi akuyona eyalo saziwayo wethelevishini kodwa ekaThango.

Emva kokusabalala kwalolu qwembe olunoSne abantu bahlekisa ngaye ezinkundleni zokuxhumana besho izinto abazisusela ohlelweni lwabo lwethelwethelevishini.

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...