
IKHOMISHINI kaMadlanga izovulela icala usomabhizinisi waseNorth West, uMnu Suliman Carrim ngemva kokungafiki kule khomishini njengoba bekuhleliwe. UCarrim bekumele avele kule khomishini ngoLwesithathu, kodwa wangafika, kuthiwa uyagula.Â
Ukugula kwalo somabhizinisi sekuke kwaba yindaba egudwini njengoba nangenyanga edlule kwahlehla ukuvela kwakhe kwikhomishini, kukhalwa ngokuthi uyagula. Obekumangaza ngokugula kwakhe wukuthi wayefake incwadi yokuthi ngeke akwazi ukuvela phambi kwale khomishini, kodwa wabonakala eyokhithiza ezitolo eCape Town.
Nangesikhathi kumele avele kule khomishini okokuqala, wayengafuni ukuvezwa kwithelevishini kodwa leso sicelo sakhe sachithwa. Ukungezi kwikhomishini kunenga iJaji Madlanga noveze ukuthi kubonakala sengathi uCarrim ubalekela ukuvela kuyona.Â
Okuphinde kwashayela isipikili sokugcina ukuthi uCarrim uyanqaba ukuba kulethwe omunye udokotela ozimele ukumhlola. Lokhu kwenza kube nefu elimnyama elisemahlombe kadokotela wakhe, okunguyena okhipha umbiko wokuthi ngeke akwazi ukuyokwethula ubufakazi kwiMadlanga.







