Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ingebhe ngokuphepha kwezakhamizi ngemingcele evuzayo

Ingebhe ngokuphepha kwezakhamizi ngemingcele evuzayo

by | 13 March 2025

KUQUBULE imibuzo ngokuphepha kwezakhamizi zakuleli ukuboshwa kwesinye sezigebengu eziyingozi ezeqa ejele laseMozambique ngonyaka odlule.

UNelson Simiao Massango ongesinye seziboshwa ezingaphezulu kuka-1500 ezeqa ejele laseMozambique ngesikhathi kusuka izibhelu ngoZibandlela (December) nyakenye. Uboshwe egalaji elibolekisa ngezimoto endaweni yabadla izambane likapondo eSandton, eGoli.

Kuvele ukuthi ubedonsa isigwebo seminyaka ewu-20 ngecala lokubulala, kanti kuleli uyanyaniswa noxhaxha lwamacala okwebiwa kwezimoto zaseNingizimu Afrika, ziweliswe umngcele, ziyodayiswa eMozambique. Kuthiwa ezinye zezimoto ubeziboleka kwamanye amagalaji, zingaphinde zitholakale.

Kunengebe kumalungu omphakathi wakuleli ngokuthi ziningi izigilamkhuba ezibaleka emazweni azo, zizoqhubeka nokugila imikhuba kuleli. Sekukaningi kukhalwa ngokuthi ukuvuza kwemingcele yakuleli ibeka engcupheni impilo yezakhamizi.

Okhulumela amaphoyisa kuzwelonke uBrigadier Athlenda Mathe uthe: “I-SAPS Border Policing High Density Team isebenza ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi ithola imikhondo ngezigebengu okungenzeka ukuthi zikwazile ukufika eNingizim Afrika.”

NgoMasingana (January) walo nyaka kuvele ukuthi bangaphezulu kuka-22 000 abantu abakuleli ngokungemthetho ababoshwe emajele akuleli, okudla izizumbulu zemali yabakhokhi-ntela.

Baphawule kanje abantu enkundleni yezokuxhumana iX (Twitter) ngodaba lukaMassango:
@KMchuba: Sawutshela uhulumeni ukuthi lezi zigebengu zilibangise eNingizimu Afrika, sathathwa njengabantu abasanganayo.

@Encephalogist: Kwenzeka kanjani ukuthi umuntu akwazi ukuboleka imoto eSandton, ayithathe ayiwelise umngcele iye eMozambique? Kanti laba ababolekisa ngezimoto kabayihlolisisi yini imininingwane yomuntu ngaphambi kokumnika imoto?

@Solly07makwe: Iwumsangano nje le nto yokuthi osopolitiki bagadwe, baphephe ukwedlula abantu ababavotele. Ayikho nto abayithatha njengemqoka, ikakhul eyokulwa nobugebengu nokungena kuleli ngokungemthetho.

@Kgafelo2: Manje isigebengu sidlula kanjani emngceleni? Impela iNingizimu Afrika isiphenduke isidleke sezelelesi.

@MaphutiClifford: Bonke, bowu-1500 balapha eMzansi. Angicabangi ukuthi beqa, badedelwa nje ukuze beze kuleli.

@Phumzile2024: Niyamkhumbula kodwa u-Ananias Mathe waseMozambique?

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...