
INKANTOLO yeMantshi yaseRichards Bay izolulalela ngomhla ka-21 no-22 kuMbasa (April), udaba lwecala elavulelwa iMeya yaseMhlathuze, uMnu Xolani Ngwezi, ngonyaka odlule.
UNgwezi ubevele kafushane yeNkantolo yaseRichards Bay ngeledlule, njengoba ebhekene necala lokwehlisa isithunzi ngengxoxo aba nayo ne-1KZNTV, ngokunqanyulwa kwenkolileka yenkampani yonogada, iKDP Concept (PTY), kaMnu Cyril Paton.
Omangamelele imeya ngokumehlisa isithunzi ngumnikazi wayo le nkampani yonogada uPaton, okunguyena owahambisa eNkantolo eNkulu eseMgungundlovu, udaba lokunqayulwa kwenkontileka yenkampani yakhe, wuMasipala waseMhlathuze.
Lolu daba lwagcina seluxazululwe ngesivumelwano esenziwa ngaphandle kwenkantolo.
menzi.jele@ilanganews.co.za.







