Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uklonyeliswe ngokusungula ikhasi lomnyango elingundaba mlonyeni

Uklonyeliswe ngokusungula ikhasi lomnyango elingundaba mlonyeni

by | 8 April 2026

NGAMANYE amaphoyisa omgwaqo aklonyeliswe ngokusebenza ngokuzikhandla emsebenzini wawo.

KUKLONYELISWE nMnu Ndabezinhle Sibiya, onguMkhulumeli woMnyango wezokuThutha, KwaZulu-Natal, ngokusungula ikhasi leFacebook, elingundaba-mlonyeni, emcimbini obuseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), ngoLwesibili ebusuku, lapho bekuklonyeliswa amaphoyisa omgwaqo esasefundazweni.

UNgqongqoshe walo mnyango, eKZN, uMnu Siboniso Duma, uthe selokhu kuqiniswe umkhankaso wokubopha abantu abashayela bephuzile, zehlile izingozi emigwaqeni yesifundazwe. Ikhasi elisungulwe nguSibiya, kuthiwa selihehe abalandeli ababalelwa ku-350 000. Leli khasi, abantu bayalilandela kakhulu, ngisho nangabantu bakwezinye izifundazwe, ngoba kuvela izinto ezishaqisayo ezenzeka emigwaqeni.

Kuleli khasi kudalulwa abantu abaphezulu, nabenza imisebenzi ebalulekile emphakathini, ababoshelwa ukushayela bephuzile. Kugxilwa kakhulu emsebenzini lowo muntu oboshelwa ukushayela ephuzile, awenzayo, okubalwa kubo amaphoyisa, izimantshi, odokotela, abacwaningi-mabhuku, othisha, abafundisa emanyuvesi, amakhansela, nabashayeli abancane ngeminyaka, ababanjwa bebunklunklile.

NGUMNU Ndabezinhle Sibiya okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal.

Olunye udaba oluphume kulo lelikhasi, elisungulwe nguSibiya, lwaheha abantu, ngelomshado okuthi usanda kubuntsha eNewcastle, ngoba indanana ebizoshadelwa noyise, baboshelwe ukushayela bedakiwe. Umshado kuthiwa kwakufanele ube ngo-11 ekuseni, bona baboshwa entathakusa. Kudalulwe kulona leli khasi, ukuthi ngalobo busuku, nasentathakusa yakhona, kuboshwe abantu abangu-45, eNewcastle, ngokushayela bedle amanzi amponjwana.

USibiya, odabuka KwaSanguye, eMthonjaneni, usewuqweqwe emkhakheni wezokuxhumana nokwazisa, ngoba waqala enguMxhumanisi wesibhedlela iKing Edward VIII (osekuyiVictoria Mxenge manje), nomphakathi. Usesebenze eminyangweni eyahlukene kahulumeni wesifundazwe, owezeMpilo, owezeMali, wasebenza noDkt Zweli Mkhize, ezingeni likazwelonke.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...