Ilanga News
Home 9 Featured 9 Uklonyeliswe ngokusungula ikhasi lomnyango elingundaba mlonyeni

Uklonyeliswe ngokusungula ikhasi lomnyango elingundaba mlonyeni

by | 8 April 2026

NGAMANYE amaphoyisa omgwaqo aklonyeliswe ngokusebenza ngokuzikhandla emsebenzini wawo.

KUKLONYELISWE nMnu Ndabezinhle Sibiya, onguMkhulumeli woMnyango wezokuThutha, KwaZulu-Natal, ngokusungula ikhasi leFacebook, elingundaba-mlonyeni, emcimbini obuseNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (ICC), ngoLwesibili ebusuku, lapho bekuklonyeliswa amaphoyisa omgwaqo esasefundazweni.

UNgqongqoshe walo mnyango, eKZN, uMnu Siboniso Duma, uthe selokhu kuqiniswe umkhankaso wokubopha abantu abashayela bephuzile, zehlile izingozi emigwaqeni yesifundazwe. Ikhasi elisungulwe nguSibiya, kuthiwa selihehe abalandeli ababalelwa ku-350 000. Leli khasi, abantu bayalilandela kakhulu, ngisho nangabantu bakwezinye izifundazwe, ngoba kuvela izinto ezishaqisayo ezenzeka emigwaqeni.

Kuleli khasi kudalulwa abantu abaphezulu, nabenza imisebenzi ebalulekile emphakathini, ababoshelwa ukushayela bephuzile. Kugxilwa kakhulu emsebenzini lowo muntu oboshelwa ukushayela ephuzile, awenzayo, okubalwa kubo amaphoyisa, izimantshi, odokotela, abacwaningi-mabhuku, othisha, abafundisa emanyuvesi, amakhansela, nabashayeli abancane ngeminyaka, ababanjwa bebunklunklile.

NGUMNU Ndabezinhle Sibiya okhulumela uMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal.

Olunye udaba oluphume kulo lelikhasi, elisungulwe nguSibiya, lwaheha abantu, ngelomshado okuthi usanda kubuntsha eNewcastle, ngoba indanana ebizoshadelwa noyise, baboshelwe ukushayela bedakiwe. Umshado kuthiwa kwakufanele ube ngo-11 ekuseni, bona baboshwa entathakusa. Kudalulwe kulona leli khasi, ukuthi ngalobo busuku, nasentathakusa yakhona, kuboshwe abantu abangu-45, eNewcastle, ngokushayela bedle amanzi amponjwana.

USibiya, odabuka KwaSanguye, eMthonjaneni, usewuqweqwe emkhakheni wezokuxhumana nokwazisa, ngoba waqala enguMxhumanisi wesibhedlela iKing Edward VIII (osekuyiVictoria Mxenge manje), nomphakathi. Usesebenze eminyangweni eyahlukene kahulumeni wesifundazwe, owezeMpilo, owezeMali, wasebenza noDkt Zweli Mkhize, ezingeni likazwelonke.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...