USIHLALO weKomidi lezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, KwaZulu-Natal, uNks Merlaine Nair, uhola amalungu alo, bavakashela omasipala abangenzi kahle esifundazweni. Labo masipala bahlonzwe ngumcwaningi-mabhuku omkhulu, uNksz Tsakani Maluleke, njengabadinga ukutakulwa. Abanye babo bebethola imibiko engenagcobho (clean audits), esikhathini esingaphambili kodwa manje sebeyahluleka. Leli komidi liqale ukuvakashela labo masipala ngoLwesibili, kanti liyoze liqede ngoLwesihlanu.
Ínhloso ukubasiza labo masipala ukuze bakwazi ukuphucula izindlela abaletha ngayo izidingo kubantu. Abanye babo abakaze bathole imibiko engenagcobho, lokho kuyasikhathaza, ngoba omasipala yibona abasondele kakhulu kubantu, yibona abangumgogodla ekuletheni intuthuko,” kusho uNksz Nair.
OMasipala abavakashelwayo ngowaseMhlathuze, obunconywa ngokuthi uthola imibiko engenagcobho, kodwa lokho sekushintshile, owaseNkosi Mtubatuba, owaKwaNongoma, uMasipala wesiFunda uMkhanyakude, ofakwe ngaphansi koMlawuli ngonyaka odlule, nowaseMandeni.
menzi.jele@ilanganews.co.za.







