Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Ikomidi livakashela omasipala ‘abaxegayo’

Ikomidi livakashela omasipala ‘abaxegayo’

by | 28 January 2026

USIHLALO weKomidi lezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, KwaZulu-Natal, uNks Merlaine Nair, uhola amalungu alo, bavakashela omasipala abangenzi kahle esifundazweni. Labo masipala bahlonzwe ngumcwaningi-mabhuku omkhulu, uNksz Tsakani Maluleke, njengabadinga ukutakulwa. Abanye babo bebethola imibiko engenagcobho (clean audits), esikhathini esingaphambili kodwa manje sebeyahluleka. Leli komidi liqale ukuvakashela labo masipala ngoLwesibili, kanti liyoze liqede ngoLwesihlanu.


Ínhloso ukubasiza labo masipala ukuze bakwazi ukuphucula izindlela abaletha ngayo izidingo kubantu. Abanye babo abakaze bathole imibiko engenagcobho, lokho kuyasikhathaza, ngoba omasipala yibona abasondele kakhulu kubantu, yibona abangumgogodla ekuletheni intuthuko,” kusho uNksz Nair.


OMasipala abavakashelwayo ngowaseMhlathuze, obunconywa ngokuthi uthola imibiko engenagcobho, kodwa lokho sekushintshile, owaseNkosi Mtubatuba, owaKwaNongoma, uMasipala wesiFunda uMkhanyakude, ofakwe ngaphansi koMlawuli ngonyaka odlule, nowaseMandeni.
menzi.jele@ilanganews.co.za.

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...