Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 USelbyonce ubonge uthando lwabalaleli boKhozi FM

USelbyonce ubonge uthando lwabalaleli boKhozi FM

by | 17 June 2025

UBONGE abalaleli boKhozi FM ngothando abamtshengise lona uSelby ‘Selbeyonce’ Mkhize njengoba ezobe esakaza okokugcina ngci kusasa kulesikhondlakhondla somsakazo asechithe kuso iminyaka ewu-13.

Ebhala ekhasini lakhe le Instagram uthe:

“Nkosi ngiyabonga ngethalente ongiphe lona, nomsebenzi omuhle kunayo yonke emhlabeni. Amathuba ongiphe wona, abantu engihlangane nabo, ngasebenza nabo, izimpilo engikwaze ukuzithinta. Ngifuna ukubonga wena mlaleli ngothando ongiphe lona kuyoyonke le minyaka, ukungamukela kulo msakazo ngezandla ezimhlophe. Awu kodwa ngesikhathi esimnandi esibe naso ndawonye! Eqinisweni kangazi ngithini, lapho ngihlezi nginento engizoyisho, ” engeza ngokuthi uzobonga kahle ohlelweni lwakhe lokugcina oKhozini.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...