Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 USelbyonce ubonge uthando lwabalaleli boKhozi FM

USelbyonce ubonge uthando lwabalaleli boKhozi FM

by | 17 June 2025

UBONGE abalaleli boKhozi FM ngothando abamtshengise lona uSelby ‘Selbeyonce’ Mkhize njengoba ezobe esakaza okokugcina ngci kusasa kulesikhondlakhondla somsakazo asechithe kuso iminyaka ewu-13.

Ebhala ekhasini lakhe le Instagram uthe:

“Nkosi ngiyabonga ngethalente ongiphe lona, nomsebenzi omuhle kunayo yonke emhlabeni. Amathuba ongiphe wona, abantu engihlangane nabo, ngasebenza nabo, izimpilo engikwaze ukuzithinta. Ngifuna ukubonga wena mlaleli ngothando ongiphe lona kuyoyonke le minyaka, ukungamukela kulo msakazo ngezandla ezimhlophe. Awu kodwa ngesikhathi esimnandi esibe naso ndawonye! Eqinisweni kangazi ngithini, lapho ngihlezi nginento engizoyisho, ” engeza ngokuthi uzobonga kahle ohlelweni lwakhe lokugcina oKhozini.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...