Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 I-KZN ihambe phambili ngokukhiqiza abaphase kahle kuzwelonke

I-KZN ihambe phambili ngokukhiqiza abaphase kahle kuzwelonke

by | 13 January 2025

UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube, uqhakambise iKwaZulu-Natal ngokuthi yiyona ekhiqize abafundi abaningi abaphase ngamaBachelor kuzwelonke.

Uveze lokhu ememezela imiphumela kamatikuletsheni namhlanje ngoMsombuluko ePitoli. Uthe angaphezulu kuka-84 000 amaBachelor KwaZulu-Natal kanti nakoDistinction, yisona futhi lesi sifundazwe esiqengqeleza phambili. Ngokwezinga lokuphasa, iKZN ilale isibili ngo-89.5%, ilandela iFreestate eqhwakele ngo-91%.

Isifundazwe esilale isithathu yiGauteng ngo-88.4%, kube yiNorth West (87.5%), yiNorthern Cape (86.6%), yiLimpompo (85.1%), yiMpumalanga (84.9%), bese kub yi-Eastern Cape 84.2%.

Ngokwezifunda, uMkhanyakude wakwaKwaZulu-Natal ulale isibili kuzwelonke ngo-92% ulandela iJohannesburg West eqhwakele, kanti izinga lokuphasa kukamatikuletsheni kuzwelonke, lisuke ku-82.9% wanyakenye, laya ku-87.3% kulo nyaka.

mthobisis@ilanganews.co.za

Laba ngabanye babafundi bakwaZulu-Natal abahlonishwe kuzwelonke ngokuphasa kahle.

Ezisematheni

UMalema uphika eyokwazana noCat Matlala

UMalema uphika eyokwazana noCat Matlala

UMENGAMELI we-Economic Freedom Front (EFF), uMnu Julius Malema, uyaziqhelelanisa noMnu Vusumuzi "Cat" Matlala, ogqunywe eKgosi Mampuru Correctional Centre, ePretoria, ngecala lokuzama ukubulala owayeyintombi yakhe. UMatlala, othola amathenda ezigidi kuHulumeni, igama...

I-EFF inqobe i-ward yangakubo kaMalema

I-EFF inqobe i-ward yangakubo kaMalema

I-EFF inqobe ukhetho lokuchibiyela obelushubile ku-ward 13 eSeshego, ePolokwane. Le ward ibivele ingaphansi kwalo leli qembu. Kule ward, okuvela kuyo umholi waleli qembu uMnu Julius Malema, i-EFF ibifolose ngoMnu Michael Ramaphoko, njengekhansela layo. Ngokombiko...

USibiya uthi uyakwemukela ukuqokwa kwekhomishini yophenyo

USibiya uthi uyakwemukela ukuqokwa kwekhomishini yophenyo

IPHINI likakhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uJenene Shadrack Sibiya lithi liyakwemukela ukuqokwa kwekhomishini ezophenya ngezinsolo zenkohlakalo embuthweni wamaphoyisa. NgeSonto uMengameli Cyril Ramaphosa umemezele ikhomishini yophenyo ezophenya ngezinsolo zikaLt-Gen...