Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 I-KZN ihambe phambili ngokukhiqiza abaphase kahle kuzwelonke

I-KZN ihambe phambili ngokukhiqiza abaphase kahle kuzwelonke

by | 13 January 2025

UNGQONGQOSHE weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube, uqhakambise iKwaZulu-Natal ngokuthi yiyona ekhiqize abafundi abaningi abaphase ngamaBachelor kuzwelonke.

Uveze lokhu ememezela imiphumela kamatikuletsheni namhlanje ngoMsombuluko ePitoli. Uthe angaphezulu kuka-84 000 amaBachelor KwaZulu-Natal kanti nakoDistinction, yisona futhi lesi sifundazwe esiqengqeleza phambili. Ngokwezinga lokuphasa, iKZN ilale isibili ngo-89.5%, ilandela iFreestate eqhwakele ngo-91%.

Isifundazwe esilale isithathu yiGauteng ngo-88.4%, kube yiNorth West (87.5%), yiNorthern Cape (86.6%), yiLimpompo (85.1%), yiMpumalanga (84.9%), bese kub yi-Eastern Cape 84.2%.

Ngokwezifunda, uMkhanyakude wakwaKwaZulu-Natal ulale isibili kuzwelonke ngo-92% ulandela iJohannesburg West eqhwakele, kanti izinga lokuphasa kukamatikuletsheni kuzwelonke, lisuke ku-82.9% wanyakenye, laya ku-87.3% kulo nyaka.

mthobisis@ilanganews.co.za

Laba ngabanye babafundi bakwaZulu-Natal abahlonishwe kuzwelonke ngokuphasa kahle.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...