
LIZOVULWA ngomhla ka-1 no-2 wenyanga ezayo iwindi lokubhalisela ukuvota okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwezi (November). Lokhu kuqinisekiswe yinhlangano eyengamele ezokhetho kuleli, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), ngempelasonto.
Kuzokhumbuleka ukuthi iwindi lokuqala lavulwa ngoNhlangulana (June), lapho le nhlangano eyaveza ukuthi sinyukile isibalo sababhalisele ukuvota kuleli, ikakhulukazi KwaZulu-Natal. I-IEC yaveza ukuthi nakuba isibalo sababhalisile sinyukile, kodwa baningi abantu abaneminyaka efanele abangakabhalisi.
Yanxenxa izakhamizi zakuleli ukuba ziphume ngobuningi bazo ziyobhalisela ukuvota uma sekuvulwe iwindi lesibili. Le nhlangano ikhumbuze izakhamizi zakuleli ngokubaluleka kokusebenzisa leli thuba nokuyozihlola ezikhungweni ezivota kuzona ukuthi akukho yini osekushintshile.
“Abaningi bayaye bathi bangavota noma yikuphi ngosuku lokhetho. Iqiniso lithi akunjalo. Yingakho sikugqugquzela kangaka ukubaluleka kokuyobhalisela ukuvota nokuyohlola ukuthi igama lakho lisavela yini esikhungweni esithile.
“Ngalokho ngeke ukwazi ukuvota noma yikusiphi isikhungo. Okhethweni lohulumeni basekhaya, isakhamuzi nesakhamuzi kumele sivote ewadini esihlala kuyo, ngoba kuvotelwa abantu abazomela umphakathi, ngakho kawukwazi ukuvota endaweni ongahlali kuyona,” kusho i-IEC.
Kwenye yezinkulumo, imenenja ebhekelele ezoKhetho kwa-IEC, uMnu James Maphane, iveze ukuthi lokhu kungenxa yokushintsha komthamo wabantu.
“Lokhu kujwayeleke kakhulu ezindaweni zasemakhaya. Kuyenzeka uthole ukuthi ewadini abantu bayancipha, bese kuthi kwenye, isibalo siyakhula. Kuyaye kuphoqe ukuthi kube nokunyakaza kweminye imingcele ukuze ungabikhona umphakathi onabantu abaningi kakhulu noma abancane kakhulu, ukuze uma sekuhanjiswa izidingo imiphakathi ithole okulinganayo. Kumele izakhamizi ziqinisekise ukuthi ziyazihlola ukuthi zibhalise kuphi ngoba lolu khetho lufuna uvote lapho ohlala khona,” esho.







