
USEKUBHACENI ugobela wethwasa eligwetshwe udilikajele ngecala lokudlwengula liphindelela ingane yakhe (ugobela) eneminyaka ewu-9.
UThokozani Sphamandla Dlamini (25), owayethwasa kubo kwesisulu, ugwetshwe udilikajele yiNkantolo yesiFunda yakwaMaphumulo ngeledlule, kulandela isigameko esenzeka ngo-2022, emzini kagobela eSdumbini, eNdwedwe. Kubikwa ukuthi uDlamini waboshwa emuva kokuba esenesikhathi eqalile ukudlwengula ingane. Kuthiwa wayeyesabisa ngokuyibulala nabazali bayo uma ike yakhuluma ngalokhu.
Ngokuthola kweLANGA, uDlamini wafika kubo kwesisulu eyothwasa. Kuthiwa wenza lo mkhuba nje, ubesehlale nomndeni wesisulu isikhathi esingangezinyanga eziyisihlanu. Selokhu kwenzeka lesi sigameko, umndeni uthwale kanzima, uthola izinsongo zokubulawa, ezigcine ziholela ekutheni uye ekubhaceni.
ILANGA likhulume nogobela kaDlamini, ongunina wesisulu (esiligodlile igama lakhe ukuvikela isisulu), oveze ukuthi lesi sigameko siwuhlukumezile umndeni wakhe, kangangoba sekuze kwabhidlika nomshado wakhe. Uthe yize uDlamini ebengaphakathi ejele, kodwa ubesaqhubeka nokusongela umndeni, okwenze wagcina ebaleka nengane yakhe, waya ekubhaceni.
Uveze ukuthi uDlamini wafika kuyena ngoNhlaba (May) ngo-2022, egula eyolashwa. Uthi wayenenkinga yabantu abadala, wabe esecela ukuba amelaphe, bese eyamthwasisa.
“Le ngane yafika lapha ekhaya igula, inabantu abadala ngayelapha, yase ihlala nathi ngoba isithwasa. Ngosuku engathola ngalo ngokudlwengulwa kwengane yami, ngangisedolobheni, okuthe uma ngibuya ntambama, ngafica ingane ingcolile, iphuma negazi.
“Ngayibuza ukuthi kwenzekeni, kodwa yangasho. Ngenxa yokuthi khona engangiboniswe khona, ngabe sengihlala nayo phansi, ngakhuluma nayo, yagcina igonyuluka ukuthi uDlamini uyidonsele ekamelweni lami, wayidlwengulela khona.
“Yangitshela ukuthi bekungekhona okokuqala ekwenza, ubekwenza ngisho bekhona abanye egcekeni. Ngaya kuyena uDlamini ngambuza ngalokhu, waphika. Ngabe sengiya nengane emaphoyiseni, yahanjiswa kudokoteka okuqinisekisile ukuthi idlwenguliwe,” kusho unina wesisulu.
Uthi ngemuva kokuboshwa kukaDlamini, ubeqhubeka nokumshayela ucingo esejele, emtshela ukuthi uzombulala uma engalisuli icala.
“Ubebuye athumele abantu abebeshaya ucingo, bazenze abantu abafuna ukuzokwelashwa, kodwa kugcine kuvela ukuthi bathunywe nguyena. Lokhu kugcine kungiphoqa ukuba ngishiye umshado wami, ngoba ngibona ukuthi kasiphephile,” esho.
I-National Prosecuting Autho-rity (NPA), esitatimendeni, ikuqinisekisile ukukhishwa kwalesi sigwebo, yaveza ukuthi igama likaDlamini lizofakwa ohlwini lwabanukubeza ngokocansi, aphucwe nelungelo lokuphatha isibhamu.







