Ilanga News
Home 9 Featured 9 ‘Iningi likhetha ukuthatha imali kunokubuyiselwa umhlaba’

‘Iningi likhetha ukuthatha imali kunokubuyiselwa umhlaba’

by | 4 December 2024

THANDOLUHLE NGUBO

UMNYANGO wezokuBuyiyswa koMhlaba nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya uthi iningi labantu eseziphumelele izicelo zabo, likhetha ukunikwa imali kunokuba libuyiselwe umhlaba.

Lokhu kuvele embikweni wakamuva walo mnyango, obuye wacaciswa nguNgqongqoshe wawo, uMnu Mzwanele Nyhontso. UNyhontso uthi zilinganiselwa ngaphezulu kuka-80 000 izicelo zokubuyiselwa umhlaba esezitholwe wumnyango kusukela ngo-1998.

Kulezi zicelo, balinganiselwa ku-8 300 okuthiwa baqoke ukuthatha umhlaba, kwathi abangaphezu kuka-50 000 bakhetha ukukhokhelwa imali. Izicelo eziwu-9000 kuthiwa zosacutshungulwa.

Ungqongqoshe ukhale nangokuthi abalimi abamhlophe bayenyusa kakhulu intengo yomhlaba uma uhulumeni efuna okuyithenga, okuyikho okugcina kubambezela uhlelo lokubuyiswa kwemihlaba.

Uthe uhulumeni sewusebenzise imali engaphezu kuka-R58 million kulolu hlelo, uthenga imihlaba, ukhokhela nalabo abadinga ukunxeshezelwa.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...