
ISIZWE sakwaMkhwanazi sishaya amakhala ngokugixatshezwa ngomhlaba ononile kukaMnu Qiniso Ncube oqokwe yiSilo uMisuzulu njengeSo laso KwaMpukunyoni, eMtubatuba.
Okuthimulisa kakhulu isizwe wukuthi lo mhlaba onikwa uNcube ucebile, kusuka phezulu komfula iMfolozi, eduze kwelokishi KwaMsane, uze uyofika emngceleni waseHluhluwe. Phakathi komnotho okhona kule ndawo anikwe yona uNcube, singabala idolobha uMtubatuba, amahhovisi kamasipala wendawo, wulwandle iSt Lucia Bay oludlisa ngezilwane ezithandwayo, kubalwa nezimvubu eziheha izivakashi, nengxenye yechweba iSimangaliso.
Ngesikhathi sethula inkulumo yokuqoka uNcube iSilo, sithe kunezindawo ezinombango ezidinga ukuba siqoke abazozigada. INdlulamithi ithe: “Ziningi izindawo ezidinga iso (lami). UNcube usendaweni yaseDukuduku eyake yaba nezinkinga nabelungu, kunomdonsiswano. Isikhundla seso (lami) siyefana nesikaNdunankulu kaZulu, yimina enginelungelo lokuqoka (abazohlala) kuzona.
“Uma ungephuca lelo lungelo, kufana nokuthi ungephuca ubukhosi bami uqobo. Endaweni engimbeka kuyona (uNcube) kusukela emgwaqweni uN2, kuze kuyoshaya olwandle.”
UMnu Senzelwe Mzila, okhulumela uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal, uthe kabamazi uNcube, abakwaziyo wukuthi lezi zindawo okukhulunywa ngazo zingaphansi kobukhosi bakwaMkhanazi.







