Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bekuheleza umoya wenjabulo eMkhosini woMthayi

Bekuheleza umoya wenjabulo eMkhosini woMthayi

by | 9 March 2025

BEKUHELEZA umoya wenjabulo kwizethameli zoMkhosi woMthayi esigodlweni seSilo uMisuzulu kaZwelithini eMachobeni, eNgwavuma. UMkhosi woMthayi ugujwa minyaka yonke kulesi sigodlo lapho khona abesifazane, ikakhulukazi abangamakhosikazi, basuke bezokwethula utshwala obenziwe ngesihlahla somganu.

Kabagcini nje ngokwethula lesi siphuzo, kodwa babuye bethule neminye imikhiqizo eyakhiwa ngaso lesi sihlahla. 

Abantu abaningi bakhombise injabulo ngesikhathi kubonakala uNdlunkulu weSilo uNtokozo Zulu (uKaMayisela) kulo mcimbi. Bese kuyisikhathi eside engabonakali emicimbini yasendlunkulu, kanti futhi akabonakalanga nasemcimbini wokuvulwa kwesishayamthetho saKwaZulu-Natal. Ungene etendeni lezicukuthwane ehambisana nabanye besifazane abasondelene nendlunkulu. 

Ngakolunye uhlangothi, ube ekhona noNdlunkulu uMasesi Myeni okunguyena owethulwa njengondlunkulu ophethe isigodlo saseNgwavuma.

Lo mcimbi ubusiswe wukuhanjelwa yizicukuthwane zemikhakha eyahlukene okubalwa kuzona nezikhulu zikahulumeni. Phakathi kwezinye zezikhulu ebezikhona kubalwa noMnu Mntomuhle Khawula onguNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal. 

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...