Ilanga News
Home 9 Featured 9 Bekuheleza umoya wenjabulo eMkhosini woMthayi

Bekuheleza umoya wenjabulo eMkhosini woMthayi

by | 9 March 2025

BEKUHELEZA umoya wenjabulo kwizethameli zoMkhosi woMthayi esigodlweni seSilo uMisuzulu kaZwelithini eMachobeni, eNgwavuma. UMkhosi woMthayi ugujwa minyaka yonke kulesi sigodlo lapho khona abesifazane, ikakhulukazi abangamakhosikazi, basuke bezokwethula utshwala obenziwe ngesihlahla somganu.

Kabagcini nje ngokwethula lesi siphuzo, kodwa babuye bethule neminye imikhiqizo eyakhiwa ngaso lesi sihlahla. 

Abantu abaningi bakhombise injabulo ngesikhathi kubonakala uNdlunkulu weSilo uNtokozo Zulu (uKaMayisela) kulo mcimbi. Bese kuyisikhathi eside engabonakali emicimbini yasendlunkulu, kanti futhi akabonakalanga nasemcimbini wokuvulwa kwesishayamthetho saKwaZulu-Natal. Ungene etendeni lezicukuthwane ehambisana nabanye besifazane abasondelene nendlunkulu. 

Ngakolunye uhlangothi, ube ekhona noNdlunkulu uMasesi Myeni okunguyena owethulwa njengondlunkulu ophethe isigodlo saseNgwavuma.

Lo mcimbi ubusiswe wukuhanjelwa yizicukuthwane zemikhakha eyahlukene okubalwa kuzona nezikhulu zikahulumeni. Phakathi kwezinye zezikhulu ebezikhona kubalwa noMnu Mntomuhle Khawula onguNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko KwaZulu-Natal. 

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...