ILOKISHI iSteadville, eMnambithi, lingelinye lamalokishi amadala, laba yisakhiwo sobandlululo. Lingaphandle kwedolobha uMnambithi, kangangoba abantu bakhona bayakwazi ukuhamba ngezinyawo, baye edolobheni.
Laqanjwa ngoMnu uFrederick Stead, umlungu owayengumabhalane wakwandabazabantu, eMnambithi.
UStead wasebenza iminyaka ewu-32 KwaNdabazabantu, wathatha umhlalaphansi ngo-1931. Kuthiwa nguyela owaqhamuka nombono wokuthi kwakhiwe leli lokishi, elakhiwa ngo-1932.
KWATHUTHWA ABANTU NGAPHANSI KWENTABA IMBULWANE
Abantu bokuqala abathuthelwa eSteadville, ngabantu ababakhe ngaphansi kwentaba iMbulwane. Umndeni waKwaMajola, owa-kwaKhanyile nowakwaNtsha-ngase, yaba ngeyokuqala, eminye yalandela.
Babesondezelwa emafemini ababesebenza kuwo, ngoba leliya lokishi liphakathi kwendawo yezimboni, iPieters, nedolobha uMnambithi.
Ukopeletsheni waseMnambithi, owawulawula iSteadville, waqoka uMnu uJohn Ndlovu, kwathiwa makabe ngushifu (chief), asebenze nomkhandlu wakhe nawo owawuqokwe yiwona uKopeletsheni, okwakungoMnu uHenry Khumalo noMnu USimon Nkosi.
Kuthiwa laba babengawusizi ngalutho umphakathi, besebenza njengezimpimpi zikaKopeletshe-ni, begada abantu ababegaya utshwala elokishini, ngenhloso yokubudayisa.
Isigceme sokuqala esakhiwa eSteadville, kwaba yiRooi. IRooi, kwakuyizindlu ezingamadabuli, amakamelo amabili, nekhishi. Kwakunobunuku obesabekayo eRooi, ngoba indle yayithuthwa ngamabhakede, ithuthwa ezindlini zangasese ezazakhiwe ngaphandle.
Abantu babengavumelekile ukuba ngabanikazi bezindlu eSteadville, ngoba kwakuthiwa ngezikaKopeletsheni. Abantu babengavumelekile nokunweba izindlu, uma imindeni yaboisiyandile.
LIYAKHULA ILOKISHI
Ngenxa yokwanda kwabantu eSteadville, abanye besuswa edolobheni, eMnambithi, ngokohlelo lweGroup Areas Act, kwaphoqeleka ukuthi kwakhiwe ezinye izigceme, okuyiNew Look, iJabavu neWhite City.
Kulezi zigceme impilo yaba ngcono uma kuqhathamiswa neyaseRooi. Khona kwakuhlala abantu ababephila futhi behola kangcono – bengomabhalane,
othisha, abahlengikazi, amaphoyisa, abashayeli bamabhasi, nezisebenzi zakwaKopeletsheni.
Izindlu zakulezi zigceme
zazingamagumbi amane, zinamashawa okugezela, nezindlu zangasese. Nakhona lapho
abantu babenqatshelwa ukuba babe namatayitela, ayezobenza babengabanikazi bezindlu.
Kuthiwa kuqale ekupheleni kweminyaka yama-80s ukuthi abantu baseSteadville, babe ngabanikazi bemizi. Ngemuva kuka-1994, sekunentando yeningi eNingizimu Afrika, liphuculiwe ilokishi iSteadville, kwakhiwa nezinye izigceme ezinjengeTsakane, ezinezindlu zesimanje manje nesikole iSilindokuhle Secondary School, esiyisitezi.
Phambilini bekuyiSteadville High School kuphela isikole samabanga aphezulu endaweni.
YINGXENYE yelokishi iSteadville.
IMFUNDO NENKOLO E-STEADVILLE
Imvamisa abantu ababefika eSteadville kwakungabantu abasuka ezindaweni eziyizimishini njenoSt Chads.
Ungakagxiliswa uMthetho iGroup Areas Act, izingane zabantu abamnyama zazifunda ezikoleni ezikuForb Street naku-Illing Road, phakathi edolobheni eMnambithi, abantu bengakathuthelwa eSteadville.
Kwakunezimishini, eyasePre-sbyterian, amaWeseli (Methodist Church of SA) namaSheshi (Anglican Church). Kwakufanele imindeni iqale yemukele inkolo yobuKhrestu, ibajadiswe ngapha-mbi kokuba izingane zayo zingene ezikoleni.
Isikole sokuqala eSteadville sakhiwa ngo-1937, siphethwe nguMnu Mark Dixon. Sasiqala kwaGrade 1 (Sub A) sigcine kwaGrade 8 (uStandard 6).
Zanda izikole ngoba ngo-1976 kwasekukhona iNikela Lower Primary School ngemuva kweMnambithi Primary. ISteadville High yayisikhona vele.
UMNU GOVAN MBEKI E-STEADVILLE
Umholi owayesesigungwini esiphezulu se-ANC, eyilungu futhi leSouth African Communist Party (SACP), uMnu uGovan Mbeki, wathunyelwa yi-ANC eSteadville ngo-1953.
Wafike wafundisa eSteadville Primary ngoba wayenguthisha ngokuqeqeshwa. Wayekade esuka eLoram Secondary, eMsizini, eThekwini, lapho ayefundisa khona. UKhongolose wathatha isinqumo sokuthi inhlangano iyotshalwa ezindaweni eziqhelile, emadolobheni amakhulu.
UMbeki waya-ke eMnambithi ngaphansi kwalowo myalelo, efundisa kodwa ebe evukuza amagatsha e-ANC eMnambithi, eBergville, eNewcastle, naseDundee. UGovan nguyise kaMnu uThabo Mbeki, owaba ngumengameli
wesibili weNingizimu Afrika ekhululekile. Wayedabuka eDutywa, e-Eastern Cape.
EMnambithi usebenze kakhulu noDkt Achmad Sader, weNatal Indian Congress. Ngesikhathi kulungiselelwa ukwethulwa kokaSomqulu weNkululeko (Freedom Charter) ngoJune ka-1955, uMbeki, uSader, noMama uNomzansi Dorothy Nyembe,
babelalela izimvo zabantu enhla neNatal. UMbeki waboshwa, wagqunywa eRobben Island.
UMnu uNelson Mandela ngesikhathi esasebenzela i-ANC, wake wacasha eSteadville. Ngisho esephumile ejele
ngo-1990, ubevamise ukuya kuleli lokishi, eyokhuluma kuma-rally e-ANC.
AMAQHAWE ASE-STEADVILLE
UThulani “Sugar Boy” Malinga owayengumshayi wesibhakela owazakhela udumo emhlabeni, wazalelwa eSteadville.
UMshengu Joseph Shabalala (ongasekho), owayengumholi weLadysmith Black Mambazo, iningi labaculi beqembu lakhe wayebathathe eSteadville.
UMnu uJabu “Mxhawuli” Phakathi, owaba yisikhulu samaZulu FC ngama-80s, naye wayengowakhona eSteadville.
IMITHOMBO esetshenzisiwe
– Abantu bakhona eSteadville.
– USiyabonga “China” Mkhwanazi ongumhleli
kwa-Independent Group,
eCape Town.