Ilanga News
Home 9 Featured 9 ISilo sidivosa enye yamakhosikazi aso

ISilo sidivosa enye yamakhosikazi aso

by | 3 January 2025

ISILO uMisuzulu kaZwelithini sesifake amaphepha okwehlukanisa nomunye wamakhosikazi aso, njengoba sithi lo mshado usuwile, ngeke usalungiseka.

Ngokombiko we-African Times, iSilo sifake lawa maphepha eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. Ligodliwe igama lale nkosikazi, ukuvikela izingane zayo.

“Ubudlelwano bomshado kammangali (iSilo) nommangalelwa bese bufe kangangoba kalisekho ithemba lokubulungisa. Laba bobabili bebelokhu bebhekana nezinselelo ebudlelwaneni babo, bezama ukuzilungisa, kodwa kungalungi,” kusho ingxenye yencwadi yeSilo efungelwe.

Le ncwadi iqhube yathi baba bobabili bese behlale ngokwehlukana isikhathi esingaphezulu konyaka.


I-African Times ibike nokuthi iSilo, kuwona amaphepha asenkantolo, sizibophezele ukukhokhela izindleko zale nkosikazi, u-R20 000 njalo ngenyanga, kuze kuphele unyaka, kusukela ngosuku okuphasiswa ngalo isicelo saso sokwehlukanisa.

ISilo siveze nokuthi bese behlukaniselene ezinye zezimpahla zabo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...