Ilanga News
Home 9 Featured 9 ISilo sidivosa enye yamakhosikazi aso

ISilo sidivosa enye yamakhosikazi aso

by | 3 January 2025

ISILO uMisuzulu kaZwelithini sesifake amaphepha okwehlukanisa nomunye wamakhosikazi aso, njengoba sithi lo mshado usuwile, ngeke usalungiseka.

Ngokombiko we-African Times, iSilo sifake lawa maphepha eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. Ligodliwe igama lale nkosikazi, ukuvikela izingane zayo.

“Ubudlelwano bomshado kammangali (iSilo) nommangalelwa bese bufe kangangoba kalisekho ithemba lokubulungisa. Laba bobabili bebelokhu bebhekana nezinselelo ebudlelwaneni babo, bezama ukuzilungisa, kodwa kungalungi,” kusho ingxenye yencwadi yeSilo efungelwe.

Le ncwadi iqhube yathi baba bobabili bese behlale ngokwehlukana isikhathi esingaphezulu konyaka.


I-African Times ibike nokuthi iSilo, kuwona amaphepha asenkantolo, sizibophezele ukukhokhela izindleko zale nkosikazi, u-R20 000 njalo ngenyanga, kuze kuphele unyaka, kusukela ngosuku okuphasiswa ngalo isicelo saso sokwehlukanisa.

ISilo siveze nokuthi bese behlukaniselene ezinye zezimpahla zabo.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...