Ilanga News
Home 9 Featured 9 URamaphosa udlulise amazwi emindenini yamasosha abulewe eDRC

URamaphosa udlulise amazwi emindenini yamasosha abulewe eDRC

by | 29 January 2025

UMENGAMELI Cyril Ramaphosa useyikhahlele ngazo zombili imibiko ethi amasosha akuleli aseDemocratic Republic of Congo kawanakiwe njengoba ebhekene nempi yeqembu lamavukela-mbuso elibizwa ngeM23.

Edlulisa amazwi enduduzo emindenini yamasosha awu-13 adlule kule mpi eqhubekayo, uRamaphosa uthe ajutshwe yi-Southern African Development Community ngenhloso yokugcina ukuthula kule ndawo futhi athola ukwesekwa okufanele.

URamaphosa uthe seziqalile izinhlelo sokubuyiselwa kwemizimba yala masosha eNingizimu Afrika.

Umengameli uzwakalise ukukhathazeka ngezinkulumo eseziqubukile ngokushona kwala masosha ngesimo sezokuphepha kwezwe nokubhekana nezimpi.

URamaphosa uthe uNgqongqoshe wezokuVikela kuleli uNkk Angie Motshekga noMkhuzi wamaSosha e-SANDF uRudzani Maphwanya noKhomanda wamaSosha ojutshwe eDRC bayaqinisekisa ukuthi amasosha akuleli athola zonke izinsiza azidingayo futhi asekwa ngokufanele.

Ezisematheni

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

Inkatha iqinisa abantu baseKZN idolo ngohulumeni wesifundazwe

NGUSOTSWEBHU uMkhulu weKhokhasi ye-IFP esiShayamthetho saKwaZulu-Natal, uMnu Blessed Gwala. UBUHOLI beNkatha Freedom Party (IFP) esiShayamthetho saKwaZulu-Natal buthi usazoqhubeka usebenze ngendlela uhulumeni wesifundazwe owakhiwe yinhlanganisela yamaqembu. I-IFP...

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

Liboshiwe isoka ebelishaya intombi

SELISEZIKHINDINI isoka lentokazi eveze izithombe enkundleni yezokuxhumana ikhala ngokungatholi ubulungiswa. Amaphoyisa akwaSAPS eKZN akhiphe isitatimende ecacisa ngodaba lukaNkz Snenhlanhla Nenezana Mthembu ofake izithombe zakhe kanye nezesoka lakhe elimshayayo athi...

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

Uyaqhubeka umsindo ngokwenzeka eVenezuela

I-AFRICAN National Congress (ANC), ithi ngeke ithule uma kukhona izwe elihlukumeza abantu abangenacala. Lokhu kulandela umsindo osuswe ukugasela kweMelika eVenezuela, ngoMgqibelo, yathumba uMengameli wakhona uMnu Nicolas Maduri, nomkakhe. UNobhala we-ANC, uMnu Fikile...