Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ilokishi laKwaDabeka laqanjwa ngeNkosi yamaQadi

Ilokishi laKwaDabeka laqanjwa ngeNkosi yamaQadi

by | 5 November 2024

IFAGUGU LESIZWE: MENZI JELE

IMPILO uyazikhethela KwaDabeka. Uma ufuna ukuba yisifundiswa, ufunde uze ugqoke ijazi elibomvu, kuyenzeka lokho. Uma ufuna ukugxila kwezombusazwe, ube yikhansela ugcine usephalamende, kuyenzeka futhi nalokho. Izimo KwaDabeka ziyakuvumela ukuthi ube yilowo muntu ofuna ukuba nguyena. 

Into eyenza lelilokishi lehluke kwamanye, wukuthi livulelekile, liphakathi kwamadolobha nezimboni. Liyingxenye yeGreater Clermont Area. 

LAQANJWA KANJANI

UDabeka kwakuyinkosi yamaQadi eyalandwa eNkandla isencane, kwathiwa mayiyophatha isizwe. Uyise kaDabeka, uDube kaSilwane Ngcobo, wayengumngani futhi eyiqhawe leSilo uShaka, akhe eGqalabeni, eNkandla. Ngesikhathi iSilo uDingane sithatha ubukhosi KwaZulu, uMntwana uMkabayi kaJama, waseluleka ngokuthi masibulale bonke ababesondelene noShaka ukuze sibuse ngokunethezeka.

ISilo uDingane sathumela sathi amaQadi mawasilethele izigxobo ukuze sizobiya isigodlo saso eMgungundlovu, eMahlabathini. Ngesikhathi amaQadi efika nezingxobo, iSilo uDingane sabuza ukuthi ngubani uDube kaSilwane, bamkhomba, wabe esekhipha umyalelo wokuthi amabutho mawambambe ambulale. 

Njengoba umholi wawo amaQadi wayesebulewe, athutha eNkandla afudukela eningizimu. Afika agoba amadlangala phakathi nomfula uMvoti (KwaMaphumulo), aphinde afuduka njalo, aze ayozinza lapho umfula uMngeni ungenela khona olwandle (eRoad House njengamanje), eThekwini. 

INGXENYE yelokishi laKwaDabeka.

Ngaleso sikhathi ayeholwa nguMadlukwana kaSilwane Ngcobo, wase-ndlini yasekhohlo. AmaQadi akhumbula ukuthi inkosi yawo, uDube kaSilwane, yayinendodana eyasala eNkandla, okwakunguDabeka. Kwathunyelwa amadoda amabili, eyakwaNgidi neyakwaGoba – ayeyizinduna emaQadini – ukuthi mawayolanda uDabeka koninalume eNkandla, ayohola isizwe. 

UMNU Muzi Zulu lwamakhambi akwaMaz, ungowaKwaDabeka.

Ekufikeni kwakhe uDabeka eThekwini, walotsholelwa intombi, waganwa, wakhelwa umuzi waseThembeni. USir Benjamin Pine, owayephethe izindaba zabantu abamnyama ngaleso sikhathi, wayehlala njalo exabana neNkosi uDabeka. Yayithi yona iyinkosi ngokwayo, ngeke itshelwe ngumlungu ukuthi yenzeni. Umuzi waseThembeni washiswa nguSir Benjamin Pine, maqede wakha elakhe inxuluma, walibiza ngokuthi yiPinetown. 

Lo muzi wawusuka lapho sekuyi-library khona ePinetown, kuze kuyoshaya esibhedlela eCrompton njengamanje. Usushisiwe, amaQadi athutha ayokwakha phezu komfula uMngeni, lapho ilokishi laKwaDabeka likhona njengamanje.

KUKUPHI KWADABEKA?

KwaDabeka yilokishi elingamakhilomitha awu-24 usuka enkabeni yedolobha iTheku, ubheke enyakatho-ntshonalanga, libe ngamakhilomitha awu-6, usuka eNew Germany. Uma uKwaDabeka, uphosa amehlo phesheya komfula uMngeni, ubona iLindelani (eNtuzuma), eningizimu ubona iNewlands West (eMkhuphulangwenya), enyakatho iMolweni (endaweni yeNkosi uMthembu) naKwaNgcolosi (eNkosini uBhengu).

UMNU Lwazi Nqetho ongomunye wabantu abanegama KwaDabeka.

KwaDabeka kunomtholampilo omkhulu osezingeni le-poly-clinic, nekamu lamaphoyisa elisebenza iClermont yonke. Izigceme ziwu- 17 Kwa-Dabeka. kunoDabeka A, kuyoshaya KwaDabeka S, nendawo okuthiwa yiSiphumelele. Kunehostela elikhulu, iKranskloof (iKK). Ngo-1848, usomabhizinisi uMnu uJonas Bergtheil walanda amaJalimane emadolobheni amancane aseGermany, wawayisa eClermont naseKranskloof ukuze atshale ukotini, eNatal. 

Wathenga amapulazi wawaqamba ngokuthi iClermont Farm (sekuyilokishi manje) elinye ipulazi kwaba yiKranskloof Farm, lapho kwakhiwe khona ihostela. 

KWADABEKA NESIZINDA SEZIMBONI

Into eyayidonsa abantu, bathutheleke KwaDabeka, wukuthi kuseduze nesizinda sezimboni iWestmead neNew Germany. Abanye abantu bakhona KwaDabeka, basebenza edolobheni ePinetown, ePavilion (Westville), eKloof, eGillits naseHillcrest. Umgwaqo uM5 – osuwaziwa ngoDumsani Makhaye Drive – owavulwa ngo-2017, uhlanganisa iKwaDabeka nezindawo eziningi njengeKwaMashu, i-Avoca Hills, iWyebank, iSeacowlake nePinetown. 

UMSAWAWA ongumculi, ungowaKwaDabeka.

Ungakwazi ukusuka KwaDabeka uye eMbilo, eSarnia naseQeensburgh uhamba ngomgwaqo uQashana Khuzwayo. Ungakwazi ukuya eKloof, uhamba ngoKing Cetshwayo Highway. Kunesigceme esisha KwaDabeka, iSub-5, namathuna okungcwatshwa kuwona umphakathi waseClermont namaphethelo. Izinselelo ezibhekene nomphakathi waKwaDabeka, yizinga eliphezulu lentsha ebhema i-whoonga, ukudlanga kwengculaza,nokukhula kwesibalo sabantu abangasebenzi njengoba amafemu amaningi adiliza abantu ngesikhathi sokhuvethe. Umphakathi waKwaDabeka ufake isicelo emakhanseleni sokuthi wakhelwe isikhungo esizobhekelela intsha esebenzisa izidakamizwa (i-rehabilitation centre).

EBUMNANDINI NOSAZIWAYO BAKWADABEKA

US’boniso Dlamini, odume ngelikaMsawawa, ngowakhona KwaDabeka. Unendawo egcwala abathandi benjabulo iMsawawa’s Corner.  UMnu Lwazi Nqetho ungomunye wabadumisa iKwaDabeka, unendawo yokungcebeleka, iShadow’s Lifestyle. UDkt Musa Zulu ongusomabhizinisi nomelaphi wendabuko owaziwa ngelikaMaz, ngowaKwaDabeka. 

IMITHOMBO ESETSHENZISIWE:

– Clermont – KwaDabeka Tourism Association. Olunye ulwazi siluthole kubantu bakhona KwaDabeka.  

menzi.jele@ilanganews.co.za   

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...