Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ilokishi lasoSizweni liyikhaya likanobhutshuzwayo

Ilokishi lasoSizweni liyikhaya likanobhutshuzwayo

by | 19 November 2024

IFAGUGU LESIZWE: MENZI JELE

OSIZWENI yilokishi eliwu-25km ukusuka enkabeni yedolobha iNewcastle. Linomlando obuhlungu ngoba lasungulwa ngabantu ababesuswe ngenkani eSididi, ngaphandle kwaseDannhauser ngo-1964.

INGXENYE yasoSizweni.

Kwakunomthetho owawushaywe ngesikhathi sobandlululo, okuthiwa yiGroup Areas Act, owawuphoqa ukuthi abantu bahlukaniswe ngokobuhlanga uma benikwa izindawo zokuhlala. oSizweni kwaba wuhlelo olunjalo ngoba ngabantu abazitholela bona indawo abakha kuyo izindlu, ngaphansi kobuholi bukaMnu Alfred Mzondeki Masondo.

LAZIWA NGAMAGAMA AHLUKENE

Ilokishini lasoSizweni kuqala lalaziwa ngokuthi  kuseMountain View, (eMawunteni), bashintsha abantu bathi kuseMsawuza. Igama elithi osizweni lisho indawo lapho abantu babethola khona usizo ngoba abanye babechithwa ngamaBhunu emapulazini. Abanye babesuka eJakalase (Normadien) bengafuni ukungena emapulazini. Emapulazini izikole namasonto kwaku-ngekho, uma umzali efuna izingane zakhe zifunde, kwakufanele athuthe epulazini. EMountain View kwakhiwa izikole, kwathi sekuthatha uhulumeni waKwaZulu ngo-1972, zanda izikole nemitholampilo yakhiwa njengoba seyi-4 ekhona njengamanje.

ISAKHIWO SELOKISHI

OSizweni kunezigceme eziwu-6 – kusukela ku-A kuze kuyoshaya kwa-F. U-Section A kuseTop Rank nendawo okuthiwa kuseVezi. Kukhona uSection B, uSection C eMatsheke-tsheni, uSection D abathi kuseMaskopha-sini, uSection E okuthiwa kuseLong Homes, kube wuSection F, eMatshotshombeni.

WUMTHOLAMPILO wasoSizweni.

IBlaaubosch nayo iyingxenye yasoSizweni. INkosi u-Albert Luthuli yake yafundisa eBlaauwbosch, ilokishi ioSizweni lingakabi khona. Kunamahhovisi akwaSassa,nekamu lamaphoyisa elikhulu elisemuva kwehholo lomphakathi. Uma uphuma nje oSizweni, uthatha umgwaqo obheke e-Utrecht, kunejele iWatervaal, elisepulazini.

ABANTU BAKHONA BAKHONZE EZEMIDLALO

KUSUKA kwesobunxele (phezulu) nguHelman Mkhalele, nguFani Madida noSifiso Hlanti. Ngezansi; Ngu-Innocent Mncwango, nguDoctor Mkhonza noSizwe Motaung.

Ambalwa amalokishi eNingizimu Afrika anezinkundla zekhilikithi neze-netball, oSizweni ngelinye lalawo malokishi. Kakumangalisi ukuthi leli lokishi likhiqize izingwazi kunobhutshizwayo. KwakuChippa’s Dynamos FC, eyayidlala esigabeni esikhokhelayo. Yayinabadlali basoSizweni. Kubadlali abakhiqizwe yileli lokishi singabala uFani Madida owagijima kwiGiant Blackpool neKaizer Chiefs; u-Innocent Mncwango owagqama kwiJomo Cosmos wadlala nakwi-Orlando Pirates; uDominic Zulu owagcina esedlala kuMtata Bush Bucks; uDoctor Mkhonza owadlala kwiMoroka Swallows; uSizwe Motaung (ongasekho) owagwama kwiCosmos ngaphambi kokuya kwiChiefs, uHelman “Ncane” Mkhalele (Cosmos nePirates), uSiyabonga Nkosi (Bloemfontein Celtic, Chiefs neGolden Arrows) noSifiso “Chopper” Hlanti (AmaZulu, Moroka Swallows neChiefs).

EZINYE IZIHLABANI ZASOSIZWENI  

UNonhlanhla Daphney Nkosi, unina wa-ngempela wesishabasheki sengculaza, uNkosi Johnson, wakhulela oSizweni ngoba wafunda khona, yize wayezalelwe eDannhauser. Ngenxa yokuthi wayegula uNonhlanhla, akakwazanga ukukhulisa uNkosi amthola vele esehaqwe yisandulela-ngculaza. UNkosi wathathwa nguNkz uGail Johnson, waseGoli wamkhulisa.

NGUNONHLANHLA Peggy-Sue Khumalo.

Usomabhizinisi uNonhlanhla Peggy-Sue Khumalo, owaba ngowesithathu ebantwini abamnyama ukuba nguMiss South Africa, ngo-1996, wazalelwa wakhulela oSizweni. UNdlunkulu uNtokozo Zulu, uKaMayisela, ngowaseBlaaubosch, eyingxenye ya-soSizweni. IMeya yaseNewcastle -engusihlalo weSouth African Local Governent Association (Salga) KwaZulu-Natal – uMnu uXolani Dube, ngeya-soSizweni.

IFU ELIMNYAMA OSIZWENI

Ekupheleni kweminyaka yama-90s, uDkt uSibongiseni Dhlomo eseyimeya yaseNewcastle, kwenzeka inhlekelele ku-Albert Wessel Drive ngaphandle kwedolobha. Imoto eyayithwele izingane ezincane zesikole, yashayisana mahlanze neloli, zashona zonke. Zaziya oSizweni ziphuma esikoleni, edolobheni. 

Umgwaqo u-Albert Wessel Drive, okwenzeka kuwo inhlekelele.

Umgwaqo u-Albert Wessel Drive, washintshwa ngemuva kwaleyo ngozi, waba wu-Asiphephe Drive. Abantu basoSizweni bayakwazi ukuvuka ekuseni bayothenga izimpahla eSandton, eGoli, babuye ngalo lelo langa ntambama.

IMITHOMBO ESETSHENZISIWE

• Newcastle Muni-cipality

• Abantu bakhona Osizweni

menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...