Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kuxwayiswe abadlali kufihlwa u-Adams

Kuxwayiswe abadlali kufihlwa u-Adams

by | 26 July 2026

KUXWAYISWE abadlali beqembu lesizwe iBafana Bafana ngokubaluleka kokuthola usizo ngezimo ababhekana nazo empilweni, lokhu kushiwo yisikhulu esiphezulu enhlangwaneni eyengamele ibhola kuleli uDanny Jordaan oyisikhulu esiphezulu kwi-SAFA.

Ukusho lokhu ngesikhathi kuqhubeka umngcwabo ka-Jayden Adams (25) obengumdlali we-Mamelodi Sundowns neBafana Bafana ofihlwe ngoMgqibelo eStellenbosch, eWestern Cape emuva kokuthatha umphefumulo wakhe nokuyikhona okwenze uJordan wabona kufanele abadlali bakuleli bathole ukwelulekwa ngokwengqondo.

Lo mngcwabo bewuhanjelwe ngabanye babadlali beSundowns nabeqembu lesizwe kuhlanganisa nomqeqeshi walo uHugo Broos ochaze lo mdlali njengomunye obeyinsika eqenjini lakhe.

Isikhulu seSundowns uThlopie Motsepe, sincome lo mdlali ngeqhaza alibambile ekilabhini.

“Siyabonga ngesikhathi sakho esibe naso nawe sizokukhumbula ngokuhlala njalo umametheka,” esho.

Kuthiwa umgcwabo walo mdlali ukhokhelwe yikilabhu yakhe edume ngokuba ngomacaphuna kusale ebholeni lakuleli.

Ukufa kwalo mdlali kushiye abantu abaningi bedidekile njengoba kusolwa ubudlelwane bakhe njengembangela eyenze wakhetha ukufulathela leli.

Kwenzeke lokhu nje lomdlali ubesanda kushiwa nangugogo wakhe nokungenye yezinto okuthiwa imzwise ubuhlungu kwazise akakwazanga ngisho ukuzobeka ithambo lakhe ngenxa yokuba semdlalweni neBafana ebidlala kwi-Ndebe yomhlaba.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...