Ilanga News
Home 9 Ezamabhizinisi/Ezomnotho Featured 9 Kuqhakanjiswe ukuhwebelana kwawase-Africa kuvulwa eyezokuvakasha

Kuqhakanjiswe ukuhwebelana kwawase-Africa kuvulwa eyezokuvakasha

by | 13 May 2025

LIKHUTHAZE ukuba kuvuleke amaxhama okuhwebelana kwamazwe ase-Afrika ngaphandle kwemidanti iPhini likaMengameli waseNingizimu Afrika uMnu Paul Mashatile ngesikhathi kuvulwa ngokusemthethweni kwengqungquthela yezokuvakasha i-Africa Travel Indaba eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre eThekwini ngoLwesibili.

UMashatile uveze ukuthi njengoba inyanga uNhlaba kuyinyanga eteketiswa nge-Africa Month eNingizimu Afrika kumele kube yikhona lokhu okukhuthazayo ukuthi kuqiniswe amaxhama okuhwebelana ukuze umnotho waleli lizwekazi uthuthuke.

Uthe izwekazi i-Afrika linamathuba amaningi okuba ngumakhonya kwezomnotho ngokuqhakambisa okungalo nokuvutshelwe kuleli.

Uqhube ngokuthi aanye amazwekazi aseqalile ukukhombisa intshisekelo yokuzisondeza e-Afrika ngakho lesi isikhathi sokuqhakambisa okungokwayo ngenhloso yokuthi ihlomule.

UNdunankulu waKwaZulu Natal uMnu Thami Ntuli yena ukhuthaze abezokuvakasha baqhakambisa amasiko, bathuthukisa umnotho, kwakheke amathuba emisebenzi bese beqhakambisa ubumbano ngesikhathi ethula eyakhe inkulumo kulo mcimbi.

UNtuli uthe ingqungquthela yalo nyaka iletha abakhangisi ababalelwa ku-1300 abaqhamuka emazweni awu-27 asezwenikazi i-Afrika njengoba kulo nyaka kunamazwe aqalayo ukuzoba ingxenye yale ngqungquthela esibanjelwe eThekwini iminyaka engaphezulu kwewu-30.

Kula mazwe kubalwa iChad, St Helena neBurkisa Faso.

Undunankulu uthe ukuba khona kwala mazwe kule ngqungquthela kukhombisa khona ukuqhubeka nokukhula kwayo.

Uveze ukuthi uhulumeni awuholayo uyaqhuebeka nokubambisana nazo zonke izinhlaka zezokuvakasha kanti uyazigqaja ngesikhumulo sezindiza iKing Shaka International esaqhubeka nokuba yisango lesifundazwe kulabo abaqhamuka emazweni ahlukene.

Uveze ukuthi ziyaqhubeka izingxoxo zokwandisa amabhanoyi atheleka kulesi sikhumulo sezindiza njengoba phakathi kwalezo ezikhona ezithinta umzila osuka eParis eFrance uza kusona nalona othinta umzila waseLondon e-United Kingdom.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngesikhathi kubhebhetheka ubhubhane lweCovid 19 kunemizila eyavalaka kanti seziqalile izinhlelo zokuvuselela eminye yale mizila.

NgoZibandlela nyakenye lesi sikhumulo sethule umzila osuka eGaborone eBotswana njengoba usuqalile ukusebenza. UNtuli uthe umyalezo wesifundazwe ukhuthaza ukuthi ezokuvakasha kumele zisebenzisane nawo wonke umuntu, zivikele ezemvelo nehlalo yabantu, zihloniphe amasiko, zakhe amathuba emisebenzi bese ziyabumba.

UNgqongqoshe wezokuVakasha kuleli uNkk Patricia de Lille uthe kuyamkhuthaza ukuthi ngemuva kobhubhane lweCobvid 19 lo mkhakha uyaqhubeka nokukhula nokukhombisa inhlasi yethemba yokuthi isimo sibuyele ngokusemthethweni kwesangaphambili kwalolu bhubhane.

Uthe kwikota yokuqala yalo nyaka bakwazile ukwamukela izivakashi ezibalelwa ku-2.6 million nokuyisibalo esikhombisa ukukhula ngo-57% uma kuqathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyala owedlule.

Uthe unethemba ukuthi le ngqungquthela izoba impumelelo futhi izokwazi ukuvuna izithelo ezinhle emnothweni wezwe.

Uthe le ngqungquthela iza ngesikhathi esifanele lapho iNingizimu Afrika ilindele ukusingatha umhlangano wamazwe amakhulu kwezomnotho awu-20 (G20 Summit) nokungowokuqala ukuthi ubanjelwe ezwenikazi i-Afrika.

Uthe beyiNingizimu Afrika banethemba lokuthi nakuwona lo mhlangano iNingizimu Afrika izoqhubeka nokuhlomula.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...