Ilanga News
Home 9 Featured 9 Inkabi ihlanze iqiniso lokubulala uMagaqa

Inkabi ihlanze iqiniso lokubulala uMagaqa

by | 13 June 2025

“UKUHLULEKA ukufeza izethembiso zabo ongqondongqondo ecaleni lokusocongwa kubulawa uMnu Sindiso Magaqa, yikhona okuthukuthelise umfowethu, waqoma ukulihlanza lonke iqiniso ngokubulawa kwakhe,” lawa ngamazwi ashiwo yilungu lomndeni wenkabi, yaKwaMaphumulo, uMnu Sibusiso Ncengwa (36). ILANGA likhulume nelungu lomndeni elicele ukuba ligodlwe igama lalo ngemuva kokuba iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ilahle ngecala uNcengwa, lokubulala uMagaqa owabe engumhloli we-ANC, eMzimkhulu ngo-2017 owake waba nguNobhala Jikelele we-ANC Youth League. INkabi kulindeleke ukuba igwetshwe ngomhla ka-30 ngoNhlangulana (June).
Umthombo waleli phephandaba oyilungu lomndeni kaNcengwa uxoxe ngokukhethekile neLANGA kusukela ilungu labo lithola umsebenzi wokusoconga uMagaqa. Lithi ngokwazi kwalo, lona kwakuwumsebenzi kaNcengwa wokuqala walolu hlobo njengoba ngaphambi kokuba awenze wayengumashonisa, ebolekisa ngemali. “Ngiyacabanga ukuthi wakhetha ukwenza lo msebenzi ngoba ethanda imali futhi enesibindi njengoba wake wagwetshelwa ukubulala phambilini kodwa okungahlangene nobunkabi,” kusho leli lungu.


Lithi uNcengwa wayethenjiswe izinto eziningi ngokwenza lo msebenzi, okunye kwakho kwakuyimali namathenda ayezowathola uma sebeqede ukwenza umsebenzi. Liqhuba lithi ngemuva kokuboshwa kwakhe, ongqondongqondo abangosopolitiki abaziwayo bamdonsa ngendlebe ukuba angabavezi, icala alithwale yena nabanye asolwa nabo. Bathenjiswa ukuthi izingane zakhe eziwu-4 nomndeni uzonakekelwa kanye nezindleko zabameli kuze kube icala liyaphothulwa.

“Uqale ukuphoxeka ngesikhathi ethola ukuthi imali ayithola ngalo msebenzi, yayincane kuneyakhishwa ngongqondongqondo. Umuntu owayebaxhumanisa nongqondongqondo, wabaxhopha wabanika amakinanti, lokho wakuthola esengaphakathi sebeboshwe bonke,” kuchaza ilungu lomndeni. Uqhuba ngokuthi nakhona esengaphakathi kunemali abamthembisa yona elinganiselwa uR500 000, bamtshela ukuthi ngeyokukhokhela abameli ukuze abhekane naleli cala.

“Leyo mali wagcina engayitholanga njengoba kusukela angena ejele ngo-2017, ubelokhu esizwa yithina emndenini ngemali yabameli nokunye abekudinga ngaphakathi,” lisho kanje. Uqhuba ngokuthi okunye akutholile okucasule ilungu lomndeni wakhe wukuthi njengoba leli cala lithinta abantu abakhulu okuhlanganisa namaphoyisa asezikhundleni, osopolitiki nezikhulu zikamasipala, kuke kwaba netulo lokuthi abulawe ukuze kuphele ngaleli cala njengoba kwenzeka komunye wabasolwa balo (uJabulani Mdunge).

Uthi lokhu kwamkhathaza ukuthi labantu abesebenzisana nabo ukuhlela lo msebenzi, sebeyamjikela sebefuna ukuqeda ngaye ukuze kucishe ubufakazi futhi bengazifezanga nezithembiso abazenza ikakhulukazi ezithinta ukukhokhela abameli nokunakekelwa komndeni wakhe. Lo mthombo uveze ukuthi uNcengwa uqale ukuvuma icala ngo-2019 kodwa ngenxa yokuthi leli cala belithinta abantu abaningi abaphezulu, ubehlale ebhekana nezingqinamba bucindezelwa ubufakazi bakhe.

“Ngikhumbula kwaze kwashintshwa noMshushisi owabe esesamukelile isicelo sakhe sokuvuma leli cala. Ngemuva kokushintshwa komshushisi kwangena omunye kwase kuba wumzukuzuku ukuba liye phambili,” kusho ilungu lomndeni. Lithi kabazi ukuthi kungani kuthathe isikhathi eside kangaka ukuthi kuze kufinyelelwe lana, ekubeni kade azinikela ngokuthi uyalivuma icala. Isitatimende sikaNcengwa sokuvuma icala sisabalale kusukela ngeSonto kusihlwa, sithinta amagama abantu abahlukene okubalwa nowayeyimenenja kaMasipala uMnu Zweliphansi Skhosana nowayeyimeya uMnu Mluleki Ndobe ongasekho emhlabeni. Isitatimende sakhe siphinde sithinte negama lowayengumhleli wezindaba kwelinye lamaphephe esiZulu futhi oseyisikhulu sikaMasipala weTheku.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...