Ilanga News
Home 9 Featured 9 Izokhunjulwa ngedili lomcimbi indlovukazi uMantfombi

Izokhunjulwa ngedili lomcimbi indlovukazi uMantfombi

by | 27 March 2025

UZOHANJELWA ngabaholi bezizwe zamazwe ahlukene umcimbi wokukhunjulwa kweNdlovukazi uMantfombi Dlamini-Zulu ongunina weSilo samaZulu esisesihlalweni, uMisuzulu kaZwelithini. Lo mcimbi uzobanjelwa esigodlweni KwaKhangelamankengane KwaNongoma ngenyanga ezayo.

Ubizwa ngokuthi yiPan African Cultural. Ngeke kugcine ngokukhunjulwa kukandlunkulu kuphela, kodwa kuzobuye kuthintwe nezihloko ezimbalwa ngeSilo uZwelithini kaBhekuzulu.


Kulindeleke ukuba udonse izinsuku ezintathu njengoba kuhlelwe ukuthi uqale ngomhlaka 25 uphothulwe ngomhlaka 27 kuMbasa (April) kophezulu. INdlovukazi yedlula emhlabeni ngayo inyanga ka-April 2021. yayiyibamba lesihlalo sobukhosi bakwaZulu. ILANGA lithole ukuthi isiphothuliwe ingxenye enkulu yamalungiselelo omcimbi okuzokhunjulwa kuwona iNdlovukazi ngeqhaza layo esizweni samaZulu.


Ekhuluma neLANGA uNkz Sinqobile Maphisa ongomunye wabahleli bomcimbi uthe, okuningi sekuphothuliwe maqondana nalo mcimbi. Uthe kuqopheka umlando ngesikhumbuzo seNdlovukazi. Udalule ukuthi ingxenye yamakhosi ezizwe zabeNguni ezisemazweni angaphandle kwaleli ikuqinisekisile ukuthi izofika kuleli ihamba namabutho ezizwe zawo.


“Ngeke ngiyibalule iSwaziland ngoba avele sihlala sinayo kuyona yonke imicimbi yasendlunkulu. Ngalesi sikhumbuzo sizobe sinamakhosi aphuma eNamibia, eBotswana namanye esisalindele ukuba aqinisekise ukuthi azobe eyingxenye yethu. Lo mcimbi uzohlomulisa abaningi ngoba kuzovuleleka nabantu bakwamanye amazwe abazobe bezokwenza imibukiso ngamabhizinisi abo agxile ekuthengisweni kwezinto zesintu namasiko.”

“Sithathe isinqumo sokuba simeme zonke izizwe zabeNguni ezikwamanye amazwe ngenhloso yokuba kuvuselelwe ubudlelwane nobuhlobo obuphakathi kwazo nesizwe samaZulu. Kuningi ezokhunjulwa ngakho iNdlovukazi uMantfombi okubalwa kukhona ubuhlakani eyayinabo, ukuhlala ngokukhuluma ngezinto nezinhlelo ezakhaya nezinenqubekela-phambili,” kuphetha uNkz Maphisa.

Ezisematheni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

Inanda isazihola kwawokudlwengula neCator Manor kwawokubulala

UKHOMISHANA wamaPhoyisa obambile kwaZulu-Natal, uMajor General Phumelele Makhoba udalule ukuthi zehlile izibalo zokubulawa kwabantu esifundazweni, kodwa kunyuke ezamacala okushayana  kwabo. Uthe yize izibalo zokubulawa kwabantu zehlile kodwa basakhathazwa...

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UNdunankulu ubengazi ngabokufika abahlala emgwaqweni uChe Guevara

UYAZIHLANGULA uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli, ukuthi ubenolwazi ngabantu bokufika eNingizimu Afrika asebehlale ngaphambi kwamahhovisi oMnyango wezaseKhaya emgwaqweni uChe Guevara eThekwini izinyanga ezine. UNtuli ubeyohlola ngala bantu asebakhe...