Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Imeya idumele umasipala ubuyiselwa kumlawuli

Imeya idumele umasipala ubuyiselwa kumlawuli

by | 10 November 2024

LUCKY CAIN

IDUMELE iMeya yaseMpofana, uNkk Thembi Magubane (osesithombeni), ngokubuyela kukamasipala wayo ngaphansi kwesandla somlawuli ngenxa yokubhukuda ezikweletini.

ILANGA lithole ukuthi lo masipala – owafakwa ngaphansi komlawuli kusukela ngo-2017 – kuwuphindile lokho ngenyanga edlule. Kuvela ukuthi ukweleta i-Eskom imali engaphezulu kuka-R500 million. Leli phephandaba lithole ukuthi sisesibi isimo semali yalo masipala, okungesinye sezizathu eziholele ekutheni uqhubeke nokuba ngaphansi komlawuli.

UNkk Magubane uthe nakuba bathathe izintambo lo masipala uvele ungaphansi komlawuli, bebezibophezele ngokukuguqula lokho ukuze ukwazi ukuzimela. “Esakuthola ngesikhathi sithatha umasipala, wukuthi wafakwa ngaphansi komlawuli ngenxa yokugxambukela kosopolitiki nokungabekezelelani. Nebala sangena sazama ukuguqula isimo, sakwazi ukubambisana namaqembu esibambisene nawo,” kusho uNkk Magubane.

“Sikwenzile konke obekumele sikwenze futhi saqinisekisa ukuthi siyazamukela neziyalo zokuphatha umasipala ebesizithola kubalawuli abahlukene,” kusho yena.

Uqhube ngokuthi bebenethemba lokuthi kuzophela lo nyaka sebeziphathele umasipala ngokugcwele. “Kusidumazile ukuzwa ukuthi siyabuyiselwa. kodwa-ke sakuqonda ukuthi okwenziwayo kuwukusiza thina nabantu esibasebenzelayo. Abasiyale ngakho  kulokhu, wukuthi kumele siqinisekise ukuthi imali siyiqoqa ngendlela efanele ukuze sikwazi ukumelana nezidingo nezikweletu zethu,” kusho imeya.

Iqhube ngokuthi okunye abachazelwe ngakho, yisikweletu esimba eqolo sase-Eskom. “Okuhle wukuthi sesiyibhalelile i-Eskom, senza isivumelwano nawo, ngakho sinethemba lokuthi sekungokokugcina manje singaphansi komlawuli,” kusho uNkk Magubane. Babalelwa ku-4 abalawuli asebeke balawula lo masipala kusukela ngo-2017.  

Ezisematheni

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

Amabandla ezenkolo athi azosiza ngokhetho

INHLANGANO yamaBandla ezenkolo, iKwaZulu-Natal Christian Council (KCC), ithi izotshala izingqapheli ezingu 440, ukuqapha ukhetho esifundazweni. Esikhathini esingaphansi kwenyanga, kuzoba kuvotwa kulelizwe ngoba ukhetho loHulumeni baseKhaya, lungomhlaka 4 kuLwezi...

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

Kuphenywa ngokufa kwesalukazi (72) okutholwe isidumbu saso sonakele

KUPHENYWA icala lokushona kwesalukazi esineminyaka engu-72, okutholwe isidumbu saso sesonakele emzini waso, eLovu ngaseManzimtoti. Umufi uNkz Gloria Mashila kusolakala ukuthi bese kuphele izinyanga ezimbili eshonile. Indodana yakhe uMnu Jomo Mashila (44) okusolakala...

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

Kudutshulwe omunye wabaholi be-ANC eKZN

AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal aphenya ngesigameko sokudutshulwa komholi we-African National Congress (ANC), maphakathi neKwaZulu-Natal. UMnu Samora Ndlovu (43), owake waba yiMeya yaseRichmond, waba futhi nguNobhala we-ANC eMoses Mabhida Region (eMgungundlovu), udutshulwe...