Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Imeya idumele umasipala ubuyiselwa kumlawuli

Imeya idumele umasipala ubuyiselwa kumlawuli

by | 10 November 2024

LUCKY CAIN

IDUMELE iMeya yaseMpofana, uNkk Thembi Magubane (osesithombeni), ngokubuyela kukamasipala wayo ngaphansi kwesandla somlawuli ngenxa yokubhukuda ezikweletini.

ILANGA lithole ukuthi lo masipala – owafakwa ngaphansi komlawuli kusukela ngo-2017 – kuwuphindile lokho ngenyanga edlule. Kuvela ukuthi ukweleta i-Eskom imali engaphezulu kuka-R500 million. Leli phephandaba lithole ukuthi sisesibi isimo semali yalo masipala, okungesinye sezizathu eziholele ekutheni uqhubeke nokuba ngaphansi komlawuli.

UNkk Magubane uthe nakuba bathathe izintambo lo masipala uvele ungaphansi komlawuli, bebezibophezele ngokukuguqula lokho ukuze ukwazi ukuzimela. “Esakuthola ngesikhathi sithatha umasipala, wukuthi wafakwa ngaphansi komlawuli ngenxa yokugxambukela kosopolitiki nokungabekezelelani. Nebala sangena sazama ukuguqula isimo, sakwazi ukubambisana namaqembu esibambisene nawo,” kusho uNkk Magubane.

“Sikwenzile konke obekumele sikwenze futhi saqinisekisa ukuthi siyazamukela neziyalo zokuphatha umasipala ebesizithola kubalawuli abahlukene,” kusho yena.

Uqhube ngokuthi bebenethemba lokuthi kuzophela lo nyaka sebeziphathele umasipala ngokugcwele. “Kusidumazile ukuzwa ukuthi siyabuyiselwa. kodwa-ke sakuqonda ukuthi okwenziwayo kuwukusiza thina nabantu esibasebenzelayo. Abasiyale ngakho  kulokhu, wukuthi kumele siqinisekise ukuthi imali siyiqoqa ngendlela efanele ukuze sikwazi ukumelana nezidingo nezikweletu zethu,” kusho imeya.

Iqhube ngokuthi okunye abachazelwe ngakho, yisikweletu esimba eqolo sase-Eskom. “Okuhle wukuthi sesiyibhalelile i-Eskom, senza isivumelwano nawo, ngakho sinethemba lokuthi sekungokokugcina manje singaphansi komlawuli,” kusho uNkk Magubane. Babalelwa ku-4 abalawuli asebeke balawula lo masipala kusukela ngo-2017.  

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...