Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kweqe abantu abangaphezulu kuka-50 bangaphandle abebevalelwe emzini oseGoli

Kweqe abantu abangaphezulu kuka-50 bangaphandle abebevalelwe emzini oseGoli

by | 26 March 2025

YISITHOMBE okuthiwa ngeselinye lamagumbi asemzini okweqe kuwona abokufika.


AMAPHOYISA aphenya icala lokushushunjiswa kwabantu ngemuva kokuba kweqe abantu ababalelwa ku-50 abavela kwamanye amazwe emzini oseLombardy East Egoli.

Kubikwa ukuthi laba abebegcinwe ngaphandle kwemvume yabo namuhla ngoLwesithathu bakwazile ukubaleka kule ndawo. Kusolwa ukuthi bakuleli ngokungemthetho.

Abazibonele, abangomakhelwane kule ndawo batshele abezindaba ukuthi bezwe umsindo, maqede babona abantu beqa uthango walo muzi, bebaleka, abanye babo behlubule.

Kuthiwa amaphoyisa akwazile ukubamba abanye balaba bantu, bayiswa esiteshini samaphoyisa eSandringham.

Kusolwa ukuthi abaningi balaba bantu ngabomdabu wase-Ethiopia noma eSomalia.

Ezisematheni

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

Ungafa nokufa uma udembesela ukuphuza amanzi

LETHWESE ihlobo! Seliqalile ukukhipha umkhovu etsheni ezindaweni eziningi. Namuhla kule ngosi sizobheka ubungozi bokungabi nawo amanzi enele emzimbeni (dehydration), okuyinto evama kakhulu esikhathini sasehlobo ngenxa yokushisa. Ngokwendalo, ongoti bathi uma ingane...

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

Isawuphonsa umbalane iNkosi uShinga

IYELULAMA iNkosi uSifiso kaBhekamadoda Shinga (esesithombeni), enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu, KwaZulu-Natal. INkosi uShinga yaba sengozini yemoto ngomhla ka-24 kuNhlangulana (June), ngasesikhumulweni sezindiza esidala, eThekwini. Umshayeli wemoto, owayeshayelela...

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...