Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kweqe abantu abangaphezulu kuka-50 bangaphandle abebevalelwe emzini oseGoli

Kweqe abantu abangaphezulu kuka-50 bangaphandle abebevalelwe emzini oseGoli

by | 26 March 2025

YISITHOMBE okuthiwa ngeselinye lamagumbi asemzini okweqe kuwona abokufika.


AMAPHOYISA aphenya icala lokushushunjiswa kwabantu ngemuva kokuba kweqe abantu ababalelwa ku-50 abavela kwamanye amazwe emzini oseLombardy East Egoli.

Kubikwa ukuthi laba abebegcinwe ngaphandle kwemvume yabo namuhla ngoLwesithathu bakwazile ukubaleka kule ndawo. Kusolwa ukuthi bakuleli ngokungemthetho.

Abazibonele, abangomakhelwane kule ndawo batshele abezindaba ukuthi bezwe umsindo, maqede babona abantu beqa uthango walo muzi, bebaleka, abanye babo behlubule.

Kuthiwa amaphoyisa akwazile ukubamba abanye balaba bantu, bayiswa esiteshini samaphoyisa eSandringham.

Kusolwa ukuthi abaningi balaba bantu ngabomdabu wase-Ethiopia noma eSomalia.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...