Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Indida ngoshayeke phansi wafa ‘eyogeza’ edanyini

Indida ngoshayeke phansi wafa ‘eyogeza’ edanyini

by | 21 April 2026

SEKUQUBUKE indida ngowesifazane okuthiwa ushayeke phansi, washona kade eyokwenza izinto “eziphathelene nesintu” eNanda Dam izolo ngoMsombuluko.

Umphakathi nabantu abakhele leli damu basakhungathekile ngento abayibone izolo owesifazane, ogama lakhe nguNkz Zama Sabela, waseNazareth ePinetown, eshayeka phansi washona kade eyogeza emfuleni, bese enza nezinto “zesintu” njengoba kuthiwa ubephethe izinkukhu ezimbili, amakhandlela nokunye okuphathelene nalokhu abeyokwenza kuleli damu.

Kubikwa ukuthi kubizwe amaphoyisa endaweni yesigameko kulandela lesi sigameko. Ngokuthola kweLANGA, umufi ubehamba nomakhelwane wakhe ngesikhathi eyogeza kuleli damu. Kuthiwa uqale wangena emanzini wageza, wabe esephuza amanzi okuthe kusenjalo, wabe eseshayeka phansi, washona.

ILANGA liyibonile i-video lapho owesifazane ongumakhelwane ephekwa ngemibuzo ngamalungu omphakathi, echaza ukuthi empeleni umufi umtshele ukuthi ubeyokwenza into ephathelene nokuthwala ngoba efuna ukuceba.

UNkz Winnie Miya uveze ukuthi ubecelwe ngumufi ukuba amphelezele ayogeza kuleli damu. Uthi uqale wanganaka kodwa kuthe uma esebona izinto abeziphethe, okubalwa kuzona izinkukhu ezimbili, waqala wabuzisisa ukuthi kuyokwenziwani.

“Ngithe uma ngibuza, wangitshela ukuthi uyothwala, kodwa ngangakunaka lokho. Sithe uma sifika emfuleni, wangena phakathi. Uphumile wabe esephuza amanzi, akuphelanga isikhathi esingakanani wabe eseyawa, wakhihliza amagwebu, kwabe sekuwukuthula kwakhe lokho,” kusho yena.

Uveze ukuthi zikhona ezinye izinto abebeziphethe okubalwa nezingubo namabhodwe njengoba ubezingquma uma eqeda ukugeza emanzini. Uthi akanaso isiqiniseko sokuthi abekwenzwa ubesizwa ngubani njengoba ebengakaze amtshele lutho phambilini.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uSgt Thenjiswa Ngcobo uthe amaphoyisa avule idokodo ngokufa komuntu.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...