Ilanga News
Home 9 Featured 9 IMeya inxusa amaphoyisa ngabadubule isisebenzi sikamasipala eMlazi

IMeya inxusa amaphoyisa ngabadubule isisebenzi sikamasipala eMlazi

by | 26 December 2024

IMEYA kaMasipala weTheku uMnu Cyril Xaba unxusa amaphoyisa ukuba asebenze ngokuphindiwe ukuthola abasolwa abadubule balimaza isisebenzi sikamasipala ngesikhathi sisemsebenzini.

UXaba ngoLwesithathu uvakashele uMnu Welcome Memela esibhedlela lapho elulamela khona ngemuva kokuhlaselwa yilaba basolwa ngesikhathi esesigcemeni sakwa-F eMlazi lapho abezolungisa khona isigcinamanzi.

UMemela usebenza njengo-plumber kulo masipala ngaphansi komnyango wezamanzi nokuthuthwa kwendle.

UXaba ufisele uMemela ukululama okusheshayo wabe esenza isiphakamiso sokuthi umphakathi kumele kube yiwona ovikela izisebenzi zikamasipala ukuze zikwazi ukusebenza ngokukhululeka.

Uphinde wanxusa nomphakathi ukuthi uvikele nezinsiza zikamasipala ngoba ukulimala kwazo kuphazamisa impilo yawo.

IMeya ibe isinxusa amaphoyisa ukuthi asebenza ngokuphinde ukuze abasolwa kulesi sigameko babhekane nengalo yomthetho.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...