Ilanga News
Home 9 Featured 9 IMeya inxusa amaphoyisa ngabadubule isisebenzi sikamasipala eMlazi

IMeya inxusa amaphoyisa ngabadubule isisebenzi sikamasipala eMlazi

by | 26 December 2024

IMEYA kaMasipala weTheku uMnu Cyril Xaba unxusa amaphoyisa ukuba asebenze ngokuphindiwe ukuthola abasolwa abadubule balimaza isisebenzi sikamasipala ngesikhathi sisemsebenzini.

UXaba ngoLwesithathu uvakashele uMnu Welcome Memela esibhedlela lapho elulamela khona ngemuva kokuhlaselwa yilaba basolwa ngesikhathi esesigcemeni sakwa-F eMlazi lapho abezolungisa khona isigcinamanzi.

UMemela usebenza njengo-plumber kulo masipala ngaphansi komnyango wezamanzi nokuthuthwa kwendle.

UXaba ufisele uMemela ukululama okusheshayo wabe esenza isiphakamiso sokuthi umphakathi kumele kube yiwona ovikela izisebenzi zikamasipala ukuze zikwazi ukusebenza ngokukhululeka.

Uphinde wanxusa nomphakathi ukuthi uvikele nezinsiza zikamasipala ngoba ukulimala kwazo kuphazamisa impilo yawo.

IMeya ibe isinxusa amaphoyisa ukuthi asebenza ngokuphinde ukuze abasolwa kulesi sigameko babhekane nengalo yomthetho.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...