Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 Iseyiva eyezinkontileka zabasakazi

Iseyiva eyezinkontileka zabasakazi

by | 1 April 2026

UMBASA (April) yinyanga enzima ebantwini eziteshini zokusakaza. Phambilini yayingabi khona ingebhe kubasakazi ngoba babeqashwa ngokugcwele.

Abanye babethatha umhlalaphansi besakaza. Kusukela lulunye kuMbasa, sizokuzwa amaphimbo amasha kwezinye iziteshi, kokunye sizwe abebekwezinye izinhlelo. Iziteshi eziningi zithathe into eyaqalwa wumsakazo i-702, ukusakaza ngababili kumbe ngabathathu ohlelweni olulodwa.

Ukusakaza phambilini kwakungokweSABC, iziteshi zayo ezazilawulwa ngezabamhlophe, ezazibhekelele izilimi zabomdabu. Kuzona singabala iRadio Zulu, iRadio Xhosa, iRadio Venda njalo njalo. I-SABC ivule iRadio Metro, ngoba nakuba lezi ziteshi zazingezwakali emini, kodwa zazingena ebusuku bese zilalelwa ngabamnyama.

Kuhambe isikhathi kwathi ngenkululeko emuva kuka-1994, kwaqubuka iziteshi eziningi zomphakathi, esisazizwa namanje. I-Radio Metro yisona siteshi esithe uma siqhamuka, ezinye zabukela kusona ngokuqasha abasakazi ngokwezinkontileka. Lokho kwenza iSABC uma isiguqula ukubizwa kweziteshi zayo, yafaka indaba yezinkontileka kubasakazi ezivuselelwa njalo ekupheleni konyaka wabo uNdasa (March). Kulapho-ke kuqale khona inkathazo yanamhlanje.

Ukuvela kweziteshi nokuqashwa kwabasakazi
I-SABC ibiqasha kakhulu abantu abangothisha ngoba ikholelwa ekutheni uthisha uyafundisa, okuyinhloso enkulu yeziteshi zayo. Kuthe uma sekungena iziteshi ezintsha, kwaqashwa ngokwamakhono, kuhambe isikhathi yalahleka indlela. Namhlanje singasho ukuthi ukuqasha akusayi ngekhono, sekuqashwa umuntu ngoba enguDJ odumile, kokunye umlingisi, kokunye usaziwayo.

Abaningi izinga lemfundo liphansi kakhulu, bezwakala noma besakaza. Yilokhu okulahlekise imisakazo eminingi, kwagcina kungasalandelwa ikhono, kodwa kuthiwe umuntu unabalandeli. Kuqhamuke iYFM esashisa izikhotha ngokuvundulula amakhono abasakazi, bonke labo basakazi bagcine sebethathwa ngezinye iziteshi. 

Lokhu kuholele ekutheni iziteshi zingasahlwayi ngaphandle amakhono amasha, angeza nokusha, kodwa sezicwiyelana zodwa abasakazi. Namhlanje umsakazi umuzwa esesiteshini somphakathi (Community Radio), kuyaba usumuzwa esiteshini esikhulu. I-Radio Metro isike iqashe uDJ okuzwakala ngisho ekhuluma ukuthi isikole kasikho, isiNgisi uyapatanisa, kodwa ngoba udumile, afakwe njengomsakazi. 

Inkinga ngendlela yokuqasha kweziteshi
Inkinga enkulu evezwe yindlela yokuqasha kweziteshi, wukulahleka kwezinto ezintathu. I-SABC eziteshini zayo ekucophelela kakhulu namanje, wukujabulisa/wukunandisa, wukufundisa nokwazisa. Ukunandisa kwenziwa ngomculo, ukufundisa kwenziwe ngumuntu ongumsakazi. Konke lokhu asikubeke ngembaba, kulahlekile. 

Izingoma/umculo kuyadlalwa, kodwa akusenzeki okwakwenzeka, umsakazi ayisho ingoma ingakadlali, aphinde ayisho futhi isiphelile, ngoba akazidlaleli yena, kodwa udlalela abalaleli. Abasakazi akukho lutho abalusho- yo oluwukufundisa, kodwa bazixoxela ezabo izindaba, babuzane ukuthi ibinjani impelasonto. Akusekho ongathi ngiyaluthanda lolu hlelo ngoba ngiyafunda kulona. 

Okunye okubuhlungu wukuthi iziteshi sekuphelile ukuziqambela (creativity). Kulula ukuzwa uhlelo olufanayo eziteshini ezehlukene, kumbe esisodwa senze into efanayo nohlelo oluthile. Okhozini cishe iVuka Breakfast Show, iWoza nabangani bakho, kube yiDankie 1223, zithi mazenze okufana ncamashi noJabula uJule. Uhlelo iJabula uJule seluze lwayongena ngisho kwiRadio 2000, phakathi kuka-9 no-12 emini. 

Abasakazi bathatha ngokuthi ukuxazulula izinkinga ohlelweni, kufanele kube yinto yanoma yiluphi uhlelo. Ngizophuma iqhubu neYFM, okuyisiteshi eselokhu saqalwa, umculo uhamba phambili, abasakazi bakhona baziqalela bona izinto. Yingakho ilalelwa kakhulu eGoli. EThekwini iGagasi FM, singasho ukuthi lihamba phambili ngokunandisa ngomculo, kodwa lidlala umculo ofanayo. Kuyenzeka ukuthi amaculo abaculi abehlukene abawu-5, izingoma zabo zidlale ekuseni, emini nantambama.

Konke lokhu ngikuthatha ngokuthi ekuqasheni sibheka udumo umuntu analo, kasibheki ukuthi ungumsakazi yini ngokwemvelo. Ukusakaza ngikuthatha njengekhono umuntu azalwa nalo. Kungakho nanamhlanje singakabi nabo abasathathe indawo yabasakazi abafana noKansas City, no-Elijah Thetha Masombuka ekusakazeni ibhola, okungabantu ababevutha ngokuziqambela (creative).

Iziteshi nazo kufanele zenze inzuzo, kodwa okufanele zenze inzuzo, maziyenze, okungafanele, maziqhubeke ngendlela yokuxha- swa wuhulumeni. Kuyadabukisa namhlanje ukuzwa isiteshi esifana noKhozi FM, sithi sifuna abantu abasebancane ngokweminyaka, ukuze sihehe intsha ngoba silangazelele inzuzo.  

UKhozi luwela kwiSABC. Ngibona lokhu kufanele kube yinto eyenzeka eziteshini ezidalelwe ukungenisa inzuzo kwasekuqaleni. Lezi ziteshi (Ukhozi FM), zaziwa ngokuthi ngamaPublic Radio Stations, kodwa uzwa kuthiwa kufanele zenze inzuzo. I-SABC ineziteshi engazidingi, njengeRadio 2000 neRadio 5. Abalaleli bazo bancane, zimunca imali kwezinye iziteshi. Iphinde yenzelele ngamandla kwezinye iziteshi, njengeRadio Metro, etotoswa kakhulu sengathi yiyona engenisa imali enkulu kunoKhozi FM. 

Kuyadabukisa ukukhala ngemali kubasakazi boKhozi, kodwa kube kuyiyona insengwakazi. Konke lokhu kusho ukuthini?  Kusho ukuthi abaphathi abaphethe kabanalwazi olugcwele ngokusakaza nange-mandate, yesiteshi.

Inkinga yangomhla ka-1 kuMbasa
Zizoshintsha izinhlelo nabantu abazoziphatha bashintshe, kodwa akukho lutho oluzoshintsha emsocweni wezinhlelo, ukufunda, umculo nokwakha (creativity). Engingakucela kubaphathi beziteshi, wukubheka izinto ezimbalwa ezinguqukukweni zabo:
• Yini entsha esizoyizwa, isethuse kusukela ngoLwesithathu?
• Makhono mani esizowezwa eziteshini, okuzokwenza siheheke?
• Ukuphela kumbe ukuncipha kwengxoxo kwande ukukhuluma okwakhayo nokufundisayo. Ukubanga umsindo nokumemeza komsakazi akusho ukuthi uyigagu. • Make sizwe amakhono amasha, omuntu ongakaze asakaze, ngoba ukuthatha obekwesinye isiteshi, vele uzoza nesimazi ngakho.
• Ukuncipha kokukopelana kwezi- nhlelo eziteshini ngoba kugcina kusabalala ezinhlelweni zonke.
• Make sehlukane nokuqasha oDJ,  abalingisi, nosaziwayo ngoba abanamsoco otheni.

Kufanele abaphathi beziteshi, abanikazi nabasakazi, bazi ukuthi  iziteshi akuzona ezabo, kodwa ngezabalaleli okufanele zibajabulise ngomculo, yizimfundiso nezingxoxo ezakhayo nezisazisayo.

•USolwazi Bhedlindaba “VVO” Ka LuPhuzi Mkhize. Umsamo Institute/eMlambomunye. Astera winner: Best Drama Producer (Radio Zulu) 1988. SAFTA Winner: Ingono Yomsamo (Best Education Program) 2026

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...