Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 IMEYA INXUSA KUQASHELWE IZEXWAYISO ZESIMO SEZULU

IMEYA INXUSA KUQASHELWE IZEXWAYISO ZESIMO SEZULU

by | 4 December 2024

UNKK Maureen Magubane oyiMeya kaMasipala waseMooi Mpofana

LUCKY CAIN

UKHUTHAZA ukuba ziqashelwe izimemezelo nezexayiso zesimo sezulu ngalesi sikhathi sonyaka uMeya waseMooi Mpofana uNkk Maureen Magubane.

Lo masipala uvamise ukuhlangabezana nezigameko ezahlukene nokukhahlanyezwa isimo sezulu esingesihle ngalesi sikhathi sonyaka kanjalo nemililo yequbula evumbukayo.

“Siyazi ukuthi lesi yisikhathi senjabulo kodwa siyanxusa ukuba abantu abantu bakithi baziqhaphele izexwayiso esizikhiphayo kanjalo nalezi ezikhikhishwa wumnyango obhekelela izinhlekelel.

Lapha eMooi Mpofana uma kunetha linetha ngokweqile, uma kushisa kushisa kakhulu kanti futhi nesomiso sishiya kukhalwa kwezinye izindawo,” kuveza uNkk Magubane oveze ukuthi bazimisele ukuthi umphakathi ongaphansi kwalo masipala ube namaholidi angenazihibe.

UNkk Magubane umasipala wakhe usaqhubeka nomkhankaso wezinsuku eziwu-16 zokulwisana nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

Uthe bakhuthaza ukuthi zibekhona izinhlelo zikahulumeni ezizogxila kwabesilisa ukulwisana nesihlava nalesi sihlava.

UNkk Magubane uthe kubalulekile ukuthi ngalesi sikhathi sonyaka laphi kuqhutshwa khona umkhankaso wokulwisana nalesi sihlava nabesilisa bangashiywa ngaphandle kodwa bafakwe babe yingxenye yezinhlelo zikahulumeni.

Uthe njengoba izwe lingaphansi kwezinsuku eziwu-16 zokulwisana nalesi sihlava esibhokile ezweni umasipala wakhe ukhuthaza ukuthandana.

“Ngesikhathi sethula lo mkhankaso ngomhla ka-25 sakubeka kwacaca ukuthi sifuna wonke umuntu abe yingxenye yalo mkhankaso.

Esikutholile wukuthi nabo abesilisa bayahlukumezeka ngakho nabo mabangasali ngaphansi kulo mkhankaso njengoba sifuna ukuqeda nya ngaso,” kusho uNkk Magubane.

Uthi njengoba kuyisikhathi samaholidi okuphela onyaka zivamise ukwanda izigameko zokuhlukunyezwa njengoba zidalwa yizinkinga ezahlukene emindenini.

“Okumqoka nesikugqugquzela ukuhloniphana kwezithandani nemindeni yonke.

Nakule mindeni lapho ubaba wekhaya engasebenzi siyanxusa ukuba akuthole ukuhlonishwa okumfanele,” kusho yena.

Uthe olunye ucwaningo abake balwenza wukuthi ukuntuleka kwemisebenzi kuyaludala udlame lobulili emindenini.

“Siyathemba ukuthi kulo December ngeke sibe nazo izigameko zokuhlukumezana ezizobakhona njengoba sifuna wonke umuntu ajabule ngalesi sikhathi sonyaka,” kusho uNkk Magubane.

Uphethe ngokuxwayisa ukuthi umphakathi owakhelene ngaphansi kukaMasipala wakhe uziqaphele izexwayiso zesimo sezulu

Ezisematheni

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

Izothuthukisa umnotho nezokuvakasha inxanxathela yezitolo

KUBHEKWE ukuthi ithuthukise umnotho iphinde yakhe namathuba emisebenzi inxanxathela yezitolo nehhotela okulindeleke ukuthi iqale ukwakhiwa edolobheniiHarrismith elincikene nezifundazwe ezintathu okuyiGauteng, KwaZulu Natal neFree State. Le nxanxathela izohlanganisa...

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...