Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 IMEYA INXUSA KUQASHELWE IZEXWAYISO ZESIMO SEZULU

IMEYA INXUSA KUQASHELWE IZEXWAYISO ZESIMO SEZULU

by | 4 December 2024

UNKK Maureen Magubane oyiMeya kaMasipala waseMooi Mpofana

LUCKY CAIN

UKHUTHAZA ukuba ziqashelwe izimemezelo nezexayiso zesimo sezulu ngalesi sikhathi sonyaka uMeya waseMooi Mpofana uNkk Maureen Magubane.

Lo masipala uvamise ukuhlangabezana nezigameko ezahlukene nokukhahlanyezwa isimo sezulu esingesihle ngalesi sikhathi sonyaka kanjalo nemililo yequbula evumbukayo.

“Siyazi ukuthi lesi yisikhathi senjabulo kodwa siyanxusa ukuba abantu abantu bakithi baziqhaphele izexwayiso esizikhiphayo kanjalo nalezi ezikhikhishwa wumnyango obhekelela izinhlekelel.

Lapha eMooi Mpofana uma kunetha linetha ngokweqile, uma kushisa kushisa kakhulu kanti futhi nesomiso sishiya kukhalwa kwezinye izindawo,” kuveza uNkk Magubane oveze ukuthi bazimisele ukuthi umphakathi ongaphansi kwalo masipala ube namaholidi angenazihibe.

UNkk Magubane umasipala wakhe usaqhubeka nomkhankaso wezinsuku eziwu-16 zokulwisana nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

Uthe bakhuthaza ukuthi zibekhona izinhlelo zikahulumeni ezizogxila kwabesilisa ukulwisana nesihlava nalesi sihlava.

UNkk Magubane uthe kubalulekile ukuthi ngalesi sikhathi sonyaka laphi kuqhutshwa khona umkhankaso wokulwisana nalesi sihlava nabesilisa bangashiywa ngaphandle kodwa bafakwe babe yingxenye yezinhlelo zikahulumeni.

Uthe njengoba izwe lingaphansi kwezinsuku eziwu-16 zokulwisana nalesi sihlava esibhokile ezweni umasipala wakhe ukhuthaza ukuthandana.

“Ngesikhathi sethula lo mkhankaso ngomhla ka-25 sakubeka kwacaca ukuthi sifuna wonke umuntu abe yingxenye yalo mkhankaso.

Esikutholile wukuthi nabo abesilisa bayahlukumezeka ngakho nabo mabangasali ngaphansi kulo mkhankaso njengoba sifuna ukuqeda nya ngaso,” kusho uNkk Magubane.

Uthi njengoba kuyisikhathi samaholidi okuphela onyaka zivamise ukwanda izigameko zokuhlukunyezwa njengoba zidalwa yizinkinga ezahlukene emindenini.

“Okumqoka nesikugqugquzela ukuhloniphana kwezithandani nemindeni yonke.

Nakule mindeni lapho ubaba wekhaya engasebenzi siyanxusa ukuba akuthole ukuhlonishwa okumfanele,” kusho yena.

Uthe olunye ucwaningo abake balwenza wukuthi ukuntuleka kwemisebenzi kuyaludala udlame lobulili emindenini.

“Siyathemba ukuthi kulo December ngeke sibe nazo izigameko zokuhlukumezana ezizobakhona njengoba sifuna wonke umuntu ajabule ngalesi sikhathi sonyaka,” kusho uNkk Magubane.

Uphethe ngokuxwayisa ukuthi umphakathi owakhelene ngaphansi kukaMasipala wakhe uziqaphele izexwayiso zesimo sezulu

Ezisematheni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

Ungqongqoshe uvakashele indawo yenhlekelele eBuhleni

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu KwaZulu-Natal uMfu Thulasizwe Buthelezi uvakashele ebandleni laseNazaretha eBuhleni eThekwini namhlanje eyobheka isimo njengoba lelibandla lehlelwe umshophi ngesonto eledlule kwabhidlika isakhiwo esilimaze abantu...

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

Bahlele ingqungquthela yokudodis abafana ezikoleni

UKUZAMA yikulwisana nobugebengu nokuzama ukucija intsha, kwenze izinhlangano ezimbili ezingenzi nzuzo ukuba zihlanganyele nezikole ezahlukene ezakhele ilokishi KwaMashu, ngenhloso yokudodisa abafana. Lezi zinhlangano - iSigungu Sezinsizwa neSiyabadodisa - zihlele...

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sobukhosi sikhiphe ingonyuluka ngokuphikisa ukuqokwa kwayo

Isigungu sezindlu zobukhosini baseMathulini eMgababa esithangamini sabezindaba eThekwini. SEZIVEZE okusha izindlu zobukhosi baseMathulini eMgababa ngombango wobukhosi bakulesi sizwe emuva kokuba uhulumeni wemukele iNkosi uMazwendoda Luthuli ozalwa inkosi ekhothame...