Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ivelile neyokungaqashwa kodokotela kwethulwa isabelomali saseKZN

Ivelile neyokungaqashwa kodokotela kwethulwa isabelomali saseKZN

by | 25 March 2025

NGUNGQONGQOSHE wezeMali KwaZulu-Natal, uMnu Francois Rodgers engaphandlwe kwesishayamthetho sesifundazwe, lapho ebethula khona isabelomali ngoLwesibili.
Isithombe: nguNhlanhla Gumede

INKINGA yokungaqashwa kodokotela KwaZulu-Natal esekunesikhathi bekhala ngayo odokotela abaduve emakhaya neziqu zabo, ivelile kwisabelomali sanonyaka eSishayamthetho sesifundazwe, ngoLwesibili.

UMnu Francois Rodgers onguNgqongqoshe wezeMali esifundazweni uthi benguhulumeni wesifundazwe akubathokozisi ukuthi kunabantu abaningi abasemkhakheni wezempilo abaswele umsebenzi, ekubeni zidingeka kakhulu izisebenzi zezempilo.

Ngesikhathi ethula isabelomali, uRodgers uveze ukuthi omunye wodokotela abangaqashiwe, uDkt Xoliswa Shangase waseThekwini, unxuse ukuba kwandiswe isabelomali soMnyango wezeMpilo ukuze kuqashwe odokotela, amanesi, osonhlalakahle, nezinye izisebenzi zezempilo, futhi kuthengwe nemithi kanye nezinye izinto ezidingekayo kwezempilo.

URodgers uthe uhulumeni wobumbano lwamaqembu ehlukene, phecelezi iGNU, ungene vele isimo semali singesihle esifundazweni.


Uqhube wathi kodwa bazoqhubeka nokubeka eqhulwini imisebenzi yomphakathi ebaluleke kakhulu, njengezempilo, ezemfundo, nokuthuthukiswa komphakathi.

UMnyango wezeMpilo wabelwe ingxenye ewu-35% wesabelomali sisonke sesifundazwe, esiwu-R158,5 billion. Uthole u-R56,2 billion. Ingxenye yale mali izolekelela ekutheni kuvalwe ezinye izikhala ezivulekile kulo mnyango.

Ezisematheni

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

URadebe uzofakaza egameni le-ANC kwelokufa lukaLuthuli

KULINDELEKE ukuthi kufakaze i-ANC ecaleni eliqhubekayo lokuphenya ngokufa kweNkosi Albert Luthuli eNkantolo ePhakeme yaseMgungundlovu. UMnu Jeff Radebe ohola ithimba elichitshiyeliwe KwaZulu Natal kulindele afakaze egameni le-ANC ngoLwesibili mhla ka-22 kuNdasa...

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

Kugxekwe uShivhambu iMK Party yaziqhelelanisa naye

UMNYANGO wezobuLungiswa eNingizimu Afrika ugxeke uNobhala Jikelele we-MK Party uMnu Floyd Shivhambu ngokuvakashela ibandla likaMfu Shepherd Bushiri i-Enlightened Christian Gathering eMalawi. UShivhambu uhambele kuleli bandla ukuzoba yingxenye yenkonzo yalo yePhasika....

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

Kuboshwe 10 ngokushayela bedle amponjwana eKZN

KUBOSHWE abantu abangaphezulu kweyishumi ngokushayela bedle amanzi amponjwana kule mpelasonto yePhasika esifundazweni KwaZulu Natal. Kule mpelasonto ezokuphepha emgwaqweni yesifundazweni ibiqinisiwe ngenhloso yokunqanda izingozi ezinyantisayo ezingenzeka njengoba...