Ilanga News
Home 9 Featured 9 Ivelile neyokungaqashwa kodokotela kwethulwa isabelomali saseKZN

Ivelile neyokungaqashwa kodokotela kwethulwa isabelomali saseKZN

by | 25 March 2025

NGUNGQONGQOSHE wezeMali KwaZulu-Natal, uMnu Francois Rodgers engaphandlwe kwesishayamthetho sesifundazwe, lapho ebethula khona isabelomali ngoLwesibili.
Isithombe: nguNhlanhla Gumede

INKINGA yokungaqashwa kodokotela KwaZulu-Natal esekunesikhathi bekhala ngayo odokotela abaduve emakhaya neziqu zabo, ivelile kwisabelomali sanonyaka eSishayamthetho sesifundazwe, ngoLwesibili.

UMnu Francois Rodgers onguNgqongqoshe wezeMali esifundazweni uthi benguhulumeni wesifundazwe akubathokozisi ukuthi kunabantu abaningi abasemkhakheni wezempilo abaswele umsebenzi, ekubeni zidingeka kakhulu izisebenzi zezempilo.

Ngesikhathi ethula isabelomali, uRodgers uveze ukuthi omunye wodokotela abangaqashiwe, uDkt Xoliswa Shangase waseThekwini, unxuse ukuba kwandiswe isabelomali soMnyango wezeMpilo ukuze kuqashwe odokotela, amanesi, osonhlalakahle, nezinye izisebenzi zezempilo, futhi kuthengwe nemithi kanye nezinye izinto ezidingekayo kwezempilo.

URodgers uthe uhulumeni wobumbano lwamaqembu ehlukene, phecelezi iGNU, ungene vele isimo semali singesihle esifundazweni.


Uqhube wathi kodwa bazoqhubeka nokubeka eqhulwini imisebenzi yomphakathi ebaluleke kakhulu, njengezempilo, ezemfundo, nokuthuthukiswa komphakathi.

UMnyango wezeMpilo wabelwe ingxenye ewu-35% wesabelomali sisonke sesifundazwe, esiwu-R158,5 billion. Uthole u-R56,2 billion. Ingxenye yale mali izolekelela ekutheni kuvalwe ezinye izikhala ezivulekile kulo mnyango.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...