Ilanga News
Home 9 Featured 9 Imeya isongela abaqonywa ngezimoto zomkhandlu

Imeya isongela abaqonywa ngezimoto zomkhandlu

by | 11 April 2025

ISONGELE abashayeli bakamasipala abasebenzisa budlabha amaloli ahambisa amanzi emiphakathini iMeya kaMasipala wesiFunda uMkhanyakude, uMnu Sphile Mdaka.

UMdaka ubethula inkulumo emhlanganweni womphakathi obubanjelwe eNkantolo yesizwe sakwaTembe, eManguzi, KwaMhlabuyalingana namuhla ngoLwesihlanu, lapho bekuyolalelwa iziphakamiso nemibono yamalungu omphakathi maqondana nokusebenza kwesabelo-mali sika-2025/26.

Lo masipala wabelwe wuhulumeni imali ewu-R1.33 billion okufanele isetshenziselwe ukuhambisa izidingo zomphakathi.

Lo mhlangano bewuhanjelwe nayiNkosi yesizwe sakwaTembe, uMabhudu Tembe. UMkhanyakude ungunina womasipala abane okungowaseMtubatuba, owaseJozini, iBig 5 Hlabisa nowaKwaMhlabuyalingana.

“Ngifisa ukuba ngikumemezele ngokusemthethweni ukuthi umkhandlu waseMkhanyakude usuthathe isinqumo sokuzithengela amaloli ahambisa amanzi. Kasiluthandi uhlelo lokuhanjiswa kwamanzi ngamaloli ngoba lubuye lube nezinkinga.

“Ngiyakhuleka emphakathini wakithi eMkhanyakude ukuba ubambisane nathi ekuvikelweni kwengqalasizinda yomkhandlu. Ngeke ngikhulume ngokuningi okuzokwenzeka kubashayeli abenza okungalungile. Kuphelile ngabashayeli abaqonywa ngezimoto zomkhandlu.

“Lezi zimoto zifakwe iziqopha-mkhondo, amakhamera nobunye ubuxhakaxhaka besimanje. Lokhu kuzosiza ekubenjweni kwabenza okungalungile,” kusho uMdaka.

Weluleke abalimi belala nekhwani okujwayeleke ukuthi kusentshenziselwa ukwenza imisebenzi yezandla okubalwa kukhona namacansi.

“Siwukhandlu sizibophezele ekutheni sisondele kubalimi belala ngenhloso yokuba sibasize bakwazi ukubhalisa ngokusemthethweni amabhizinisi abo. Ikhwani nelala eliningi liphuma lapha KwaMhlabuyalingana.

“Ngolunye usuku kuyofika umbiko wokuthi liphelile ilala phesheya kwezilwandle, ngemuva kwalokho kufike owebala elimhlophe athathe leli bhizinisi. Okunye okungehli kahle wudaba lwabantu abathatha imali yesibonelelo sabangasebenzi, bathenge ama-combo otshwala okuthiwa asengenisile lapha KwaMhlabuyalingana,” kuphetha uMdaka.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...