Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UShivambu ukwemukele ukuxoswa kwiMK Party

UShivambu ukwemukele ukuxoswa kwiMK Party

by | 13 August 2025

UMNU Floyd Shivambu uthi ukwemukela ngenhliziyo emhlophe ukucinywa kobulungu bakhe emabhukwini eqembu uMkhonto weSizwe Party (MK Party), futhi akekho umholi walo amubambele igqubu.

Phambilini uShivambu ubengunobhala-jikelele nomdidiyeli weMK Party kuzwelonke ngaphambi kokumemezela ukuthi uyashiya kuleli qembu, alijoyine esuka kwi-EFF.

“Ngeke ngisiphikise lesi sinqumo ngoba ngiyazihlonipha izinhlelo nezinhlaka zeqembu engike ngalisebenzela. Ezinyangeni eziyishumi ezedlule ngiyingxenye yobuholi beMK, ngibe nenhlanhla yokusebenza namaqabane azinikele empini yokuthuthukisa abantu baseNingizimu Afrika ngokomnotho nangokobulungiswa,” esho.

Ubonge amalungu aleli qembu nabaholi balo, wabe eselifisela okuhle kodwa. Uthi ukunqanyula kobulungu bakhe kuzomnika ithuba elanele lokugxila enhlanganweni yakhe i-Afrika Mayibuye, nohlelo lwayo lokuzwa izimvo zabantu.

“Leli qembu (iMK Party) liqinise ukuzibophezela kwami ebuholini obuqotho nasempini yokungalingani, nenkohlakalo. Isipiliyoni engisitholile kasikushintshanga engikholelwa kukho, kodwa sikwenze ngcono, sangilungiselela isikhathi esizayo ekusebenzeleni izwe.”

Ezisematheni

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

NGUMBHISHOBHI uMpendulo Nkambule nowakwakhe ongasekho uNkk Zanela Mbokazi-Nkambule. UVUME izingqinamba abahlangabezane nazo umBhishobhi Mpendulo Nkambule, ngemuva kokudlula emhlabeni kukaNkk Zanele Mbokazi-Nkambule ongumsunguli weCrown Gospel Awards. Uthi lokhu kwenze...

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....