Ilanga News
Home 9 Izindaba 9 UShivambu ukwemukele ukuxoswa kwiMK Party

UShivambu ukwemukele ukuxoswa kwiMK Party

by | 13 August 2025

UMNU Floyd Shivambu uthi ukwemukela ngenhliziyo emhlophe ukucinywa kobulungu bakhe emabhukwini eqembu uMkhonto weSizwe Party (MK Party), futhi akekho umholi walo amubambele igqubu.

Phambilini uShivambu ubengunobhala-jikelele nomdidiyeli weMK Party kuzwelonke ngaphambi kokumemezela ukuthi uyashiya kuleli qembu, alijoyine esuka kwi-EFF.

“Ngeke ngisiphikise lesi sinqumo ngoba ngiyazihlonipha izinhlelo nezinhlaka zeqembu engike ngalisebenzela. Ezinyangeni eziyishumi ezedlule ngiyingxenye yobuholi beMK, ngibe nenhlanhla yokusebenza namaqabane azinikele empini yokuthuthukisa abantu baseNingizimu Afrika ngokomnotho nangokobulungiswa,” esho.

Ubonge amalungu aleli qembu nabaholi balo, wabe eselifisela okuhle kodwa. Uthi ukunqanyula kobulungu bakhe kuzomnika ithuba elanele lokugxila enhlanganweni yakhe i-Afrika Mayibuye, nohlelo lwayo lokuzwa izimvo zabantu.

“Leli qembu (iMK Party) liqinise ukuzibophezela kwami ebuholini obuqotho nasempini yokungalingani, nenkohlakalo. Isipiliyoni engisitholile kasikushintshanga engikholelwa kukho, kodwa sikwenze ngcono, sangilungiselela isikhathi esizayo ekusebenzeleni izwe.”

Ezisematheni

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

Ugabe ngesipiliyoni sebhizinisi ongenele ukhetho

UGABE ngesipiliyoni sokuthuthukisa umphakathi nokuba ngusomabhizinisi ovelele uMnu Roy Moodley oneqembu elikhankasela ukhetho lohulumeni basekhaya ezindaweni ezahlukene KwaZulu Natal i-African Movement Congress. UMoodley engxoxweni neLANGA uveze ukuthi isipiliyoni...

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UHlabisa nesicelo emakhosini asendlunkulu

UNGQONGQOSHE wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu (COGTA), kuZwelonke, uMnu Velenkosini Hlabisa, usenxuse amakhosi ukuthi avikele izinhlelo zentuthuko, ezilethwa nguhulumeni emiphakathini, ukuthi zingacekelwa phansi. Ubekhuluma ngoLwesithathu, ngesikhathi...

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...