Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Imibiko ithi uyayishiya i-Al Ahly uPercy Tau

Imibiko ithi uyayishiya i-Al Ahly uPercy Tau

by | 3 January 2025

Kuvela ezithi sebevumelene ngokwehlukana umdlali weBafana Bafana uPercy Tau nekilabhu yaseGibhithe i-Al Ahly.

Imibiko ithi le kilabhu ibifuna ukumdayisa lo mdlali, yena wancamela ukuthi kunqanyulwe inkontileka yakhe, akhokhelwe izinyanga ebezisasele kuyona. Kuvela ukuthi kugcine kuvunyelwene ngokuthi uTau ahlomule ngemali elinganiselwa ku-R9.4 million, bese kwehlukwanwa.

UTau ujoyine lezi zingqungqulu zebhola lase-Afrika ngo-2021, elandwa ngumqeqeshi uPitso Mosimane kwiBrighton and Hove Albion yaseNgilandi.

Unqobe izicoco eziwu-11 nale kilabhu okubalwa kuzona nezimbili zeCaf Champions League. Akukacaci ngekusasa lalo mdlali njengoba kuthi kunamakilabhu amgaqele okubalwa kuwona iKaizer Chiefs neZamalek, yakhona eGibhithe.

Kungenzeka futhi alandele uMosimane njengoba esecija i-Esteghlal yase-Iran.

Ezisematheni

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

Uhoxise isicelo sebheyili osolwa ngokubulala ikhansela leDA

NGUMNU Nhlalayenza Ndlovu owayeyikhansela leDA, owadutshulwa wabulawa emzini wakhe oseMpophomeni, eHowick. USHAYE ingqimphothwe, wahoxisa isicelo sokudedelwa ngebheyili owesilisa osolwa ngokuba nesandla ekufeni kukaMnu Nhlalayenza Ndlovu, owayengusotswebhu we-DA...

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

Likhuza ibuya iqembu likamaskandi, Ondabuzekwayo

NGUMJIKIJELWA (ongasekho), ngu-Ali Mgube noMthandeni "Igcokama Elisha" Manqele ababengamalungu eqembu, Ondabuzekwayo. BAFUNA ukufeza iphupho elingafezekanga ngeqembu labo likamaskandi ngesikhathi kudlula emhlabeni elinye lamalungu alo, uMjikijelwa "iChalaha...

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

Uqhakambisa uthando neBhayibheli obegubha iminyaka ewu-100

UQHAKAMBISE uthando lwezingane, abazukulu, isizukulwane neBhayibheli njengemfihlo yokuphila afinyelele emnyakeni ewu-100 esadla enhlamvana uNkk Balindile Mthembu, obebungazwa emcimbini obukwakhe eHlanzeni eNanda ngoLwesihlanu. UNkk Mthembu,ouhlanganise iminyaka...