Ilanga News
Home 9 Ezemidlalo 9 Imibiko ithi uyayishiya i-Al Ahly uPercy Tau

Imibiko ithi uyayishiya i-Al Ahly uPercy Tau

by | 3 January 2025

Kuvela ezithi sebevumelene ngokwehlukana umdlali weBafana Bafana uPercy Tau nekilabhu yaseGibhithe i-Al Ahly.

Imibiko ithi le kilabhu ibifuna ukumdayisa lo mdlali, yena wancamela ukuthi kunqanyulwe inkontileka yakhe, akhokhelwe izinyanga ebezisasele kuyona. Kuvela ukuthi kugcine kuvunyelwene ngokuthi uTau ahlomule ngemali elinganiselwa ku-R9.4 million, bese kwehlukwanwa.

UTau ujoyine lezi zingqungqulu zebhola lase-Afrika ngo-2021, elandwa ngumqeqeshi uPitso Mosimane kwiBrighton and Hove Albion yaseNgilandi.

Unqobe izicoco eziwu-11 nale kilabhu okubalwa kuzona nezimbili zeCaf Champions League. Akukacaci ngekusasa lalo mdlali njengoba kuthi kunamakilabhu amgaqele okubalwa kuwona iKaizer Chiefs neZamalek, yakhona eGibhithe.

Kungenzeka futhi alandele uMosimane njengoba esecija i-Esteghlal yase-Iran.

Ezisematheni

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

Kwexwayiswa abafundi bakamatikuletsheni ngokukopela

UVUSELELE isixwayiso sokukopela kubafundi bakamatikuletsheni uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal. NgoLwesihlanu eVukuzakhe High School eMlazi, eThekwini, bekuhlangene abazali, othishanhloko bezikole, izinyunyana zothisha nababhekelele ukubhalwa kwezivivinyo kwezemfundo...

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

Senyuke kakhulu isibalo sabazobhala izivivinyo zika-matric

SIPHEZULU kakhulu emlandweni wakuleli zwe isibalo sabafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zikamatikuletsheni kulo nyaka. Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkz Siviwe Gwarube (osesithombeni) ngeSonto ethula umbiko ngezinhlelo zikazwelonke...

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

Iphoyisa libulale abesifazane abawu 3 lazibulala nalo

KUBULAWE abesifazane abathathu kwathi owesilisa walimala kanzima izolo ebusuku. Lesi sigameko senzeke endaweni yobumnandi eMlanjeni Lifestyle,eNqopheni eMtubatuba. Kakucaci ukuthi umsolwa ubangeni nalaba kodwa kuvela ukuthi omunye wabo ubeyintombi yakhe. Umsolwa...