Ilanga News
Home 9 Featured Main 9 Ingqikithi yenkulumo kamengameli igcizelela ubumbano

Ingqikithi yenkulumo kamengameli igcizelela ubumbano

by | 5 February 2025

ISIQUBULO nengqikithi yenkulumo kaMemgameli uCyril Ramaphosa, azoyethula kusasa, eCape Town City Hall, sithi  “A nation that works, for all.”

Le ngqikithi ihambisana nokuhleleka kukahulumeni wezwe ngoba libuswa yizinhlangano namaqembu abusa ngokuhlanganyela (Government of National Unity). Okhulumela umengameli uRamaphosa, uMnu Vincent Magwenya uthi inkulumo izogxila nasebudlelwaneni iNingizimu Afrika enabo namazwe angaphandle.


Inkulumo kamengameli, izoba ebusuku ngo-19h00 kusasa bese kuthi ngomhla ka 13 kuNhlolanja (Febraury), kubenempikiswano ngenkulumo yakhe. Ongqongqoshe abavela kwamanye amaqembu kungeyona i-ANC bazonikwa ithuba ngokusho kukaMagwenya ukuchaza ukuthi bayengamele kanjani iminyango yabo.


Ukuqinisa ubudlelwano nezwe laseMelika njengoba sekube nokukhononda ngokwebiwa komhlaba, okuvela kuMengameli waseMelika uMnu Donald Trump. Inxusa lakuleli eWashington uMnu Abraham Rasool, uhlela uhambo lukaTrump, lapho ezobe evakasha khona eNingizimu Afrika.

“IMelika inguzakwethu wesibili esihweba naye emhlabeni, ngakho amaxhama okuxhumana kufanele ahlale ekhona. UMengameli uTrump uzofika kuleli njengesivakashi esiqavile esiyisimenywa futhi. Uzobe ezokhuluma ngobudlelwano bohwebo lamazwe amabili anabo. Uzodlala igalofu noMengameli uRamaphosa.


“Umengameli ukugcizelele ukuthi ayikho inqubo yokucwasa iNingizimu Afrika enayo ngoba uMthethosisekelo wezwe uhlonishwa emazweni ahlukene omhlaba. Sikhathazekile ngendlela ukuphawula kukaMengameli uTrump nomeluleki wakhe uMnu Elon Musk okuthathwe ngayo.”


“Ngomhla ka 15 no 16 kuNhloanja (February), uMengameli uzobe ase-Addis Abbaba e-Ethopia ku-African Union Assembly. Ngomhlaka 20 kuNhlolanja uzokuba nesithangami seG 20 Summit, eNasrec, eGauteng.
menzi.jele@ilanganews.co.za

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...