Ilanga News
Home 9 Featured 9 Indumalo uMalema enqatshelwa iVisa yase-UK

Indumalo uMalema enqatshelwa iVisa yase-UK

by | 7 May 2025

USALE edumele wasola ipolitiki nemizamo yokumvala umlomo uMnu Julius Malema enqatshelwa ukuthola iVisa yokulibangisa eLondon e-England ukuyoba ingxenye yengqungquthela ebizwa ngeCambridge Conference.

UMalema ongumholi we-Economic Freedom Fighters bekumele alifulathele ngoLwesithathu elakuleli elibangisa phesheya kodwa wathola ngomzuzu wokugcina ukuthi ngeshwa akayitholanga imvume yokungena eNgilandi.

Lo mholi owaziwa ngokuzikhulumela nokungancethezi ubabele enkundleni yakhe yokuxhumana i-X (Twitter) ezwakalisa ukunengeka nokudumala kwakhe.

Uthe iziphathimandla zaseBritain zimnqabele imvume yokuya kule ngqungquthela, kuyamcacela ukuthi lokhu kuyimizamo yokumvala umlomo futhi kunenhlese yepolitiki. Uthe lokhu okwenzekayo akwamukelekile.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2022 iqembu likaMalema i-EFF lakhipha isitatimende esikhombisa ukungazwelani nokukhothama kweNdlovukazi yamaNgisi u-Elizabeth Alexandra Mary Windsor.

Lesi sitatimende sakubeka kwacaca ukuthi leli qembu alizweli ngokukhothama kwale Ndlovukazi yamaNgisi ngoba kulikhumbuza izikhathi ezinzima eNingizimu Afrika nasezwenikazi i-Afrika.

Ezisematheni

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

Umkhuleko ubuyise ithemba ngokhetho kuNdunankulu wase-KZN

UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli uthe ukhiye okhethweni olunokuthula nolukhululekile, kuzoba ukukhula kwezombangazwe nokubekezelelana kumaqembu epolitiki. UNtuli ubekhuluma emkhulekweni, lapho  bekuthandazelwa  ukubulawa kosopolitiki...

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

Bazibophezele okhethweni olunokuthula KwaDukuza

AZIBOPHEZELE ukuqinisekisa ukhetho olungachemile futhi olunokuthula amaqembu azobanga izikhundla zobukhansela kuMasipala waKwaDukuza, okhethweni lohulumeni basekhaya olungoLwesithathu oluzayo lomhla ka-4 kuLwezi (November). Lokhu kwenziwe esigcawini...