Ilanga News
Home 9 Featured 9 Indumalo uMalema enqatshelwa iVisa yase-UK

Indumalo uMalema enqatshelwa iVisa yase-UK

by | 7 May 2025

USALE edumele wasola ipolitiki nemizamo yokumvala umlomo uMnu Julius Malema enqatshelwa ukuthola iVisa yokulibangisa eLondon e-England ukuyoba ingxenye yengqungquthela ebizwa ngeCambridge Conference.

UMalema ongumholi we-Economic Freedom Fighters bekumele alifulathele ngoLwesithathu elakuleli elibangisa phesheya kodwa wathola ngomzuzu wokugcina ukuthi ngeshwa akayitholanga imvume yokungena eNgilandi.

Lo mholi owaziwa ngokuzikhulumela nokungancethezi ubabele enkundleni yakhe yokuxhumana i-X (Twitter) ezwakalisa ukunengeka nokudumala kwakhe.

Uthe iziphathimandla zaseBritain zimnqabele imvume yokuya kule ngqungquthela, kuyamcacela ukuthi lokhu kuyimizamo yokumvala umlomo futhi kunenhlese yepolitiki. Uthe lokhu okwenzekayo akwamukelekile.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-2022 iqembu likaMalema i-EFF lakhipha isitatimende esikhombisa ukungazwelani nokukhothama kweNdlovukazi yamaNgisi u-Elizabeth Alexandra Mary Windsor.

Lesi sitatimende sakubeka kwacaca ukuthi leli qembu alizweli ngokukhothama kwale Ndlovukazi yamaNgisi ngoba kulikhumbuza izikhathi ezinzima eNingizimu Afrika nasezwenikazi i-Afrika.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...