Ilanga News
Home 9 Featured 9 Imoto ebihamba ngesivinini eseqile ishayisane ne-ambulance yagingqika

Imoto ebihamba ngesivinini eseqile ishayisane ne-ambulance yagingqika

by | 10 August 2025

UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Simelane, usehlabele ikhwelo bonke abasebenzisa imigwaqo esifundazweni ukuthi bashayele ngokukhulu ukucophelela, baphinde bacabangele ozakwabo abasebenzisa nabo imigwaqo uma beshayela bakhumbule ukuthi emgwaqeni awushayeli imoto yakho kuphela kodwa ushayela nezabanye ozakwenu enishayela nabo emgwaqeni.

Wakhipha nesixwayiso esiqinile sokukhuza abashayeli abahamba ngesivinini eseqile emgwaqeni yesifundazwe.

Lesi sexwayiso esiphuthumayo siqhamuke emva kokuthi izolo ntambama, inqola yezimo eziphuthumayo (ambulance) yoMnyango Wezempilo KwaZulu-Natali ebisuka kwiSifunda saseMkhanyakude, ibandakanyeke engozini nemoto encane yohlobo lwe-sedan ebihamba ngesivinini esikhulu.

Yize noma uphenyo lusaqhubeka kodwa imibiko yokuqala, ikhomba ukuthi umshayeli we-ambulensi uzamile ukuyivika lemoto encane ephaphalazile yaphuma emzileni wayo yangena kulo obuhamba i-ambulensi, kodwa kwasho ukuthi konke kwenzeke ngokuphazima kweso yabe isiyaphazamiseka i-ambulensi yaginqika yalala ngohlangothi.

Okubuhlungu ukuthi le ambulensi iphazamiseka nje ibiphuthumisa isiguli ebesigula kakhulu futhi sisengcupheni, siphekezelwa isihlobo saso besuka esibhedlela kwaHlabisa beya eNgwelezana. Umshayeli we-ambulensi akalimalanga kakhulu ngoba kugcine kunguye obetakula esiza nabalimele. Kodwa ilungu lethu elilodwa elisebenzisana naye lithole ukulimala kakhulu, laphuthumiswa esibhedlela esiseduze ukuze lithole usizo lwezempilo oluphuthumayo.

Isiguli kanye nesihlobo saso nabo bathole imihhuzuko kodwa ekubahloleni endaweni yesigameko kuvelile ukuthi abalimele kakhulu basengaqhubeka nohambo lwabo base betholelwa ngokushesha esinye isithuthi esibe sesibaphuthumisa eNgwelezane ngokushesha nalapho abafike baba ngaphansi kweso lokhozi babhekwa futhi ukuthi akukho yini ukulimala okucashile njengoba bebe sengozini.

Ungqongqoshe ukuvezile ukuthi isehlakalo esifana nalesi siyabakhathaza kakhulu bengumnyango ngoba sigcina sibeka encupheni abasebenzi bomnyango bezimo eziphuthumayo kanye neziguli ezisuke zibuthakathaka singekho isidingo.

Abashayeli abasebenzisa isivinini eseqile bagcina befaka nohlelo lokuthuthwa kwabagulayo oloncike kakhulu emgwaqeni encupheni. Ikakhulukazi njengoba ezinye izifunda zincike kakhulu ekutheni zisebenzise imigwaqo ukuze ziphuthumise iziguli ezidinga usizo oluthe thuthu ngokushesha ezikhungweni zethu ezihlinzeka ngosizo olungenhla nolunzulo emnyangweni.

“Izingozi ezifana nalezi, azidingeki futhi zingagwemeka. Abasebenzi bethu bezimo eziphuthumayo basebenza ngokuzikhandla ubusuku nemini besiza umphakathi. Kodwa lengozi ishiye omunye wozakwethu elimele kakhulu esimweni ebesingagwemeka uma abantu besebenzisa umgwaqo ngokucabangelana. Sicela bonke abashayeli bahlale bekhumbula ubungozi obukhulu bokushayela ngokunganaki, bese sisebenzisana ekubekeni ukuphepha kuqala kubo bonke abasebenzisa imigwaqo,” kusho uSimelane.

Umnyango udlulisa ukwesekwa okuphelele kumsebenzi olimele, nesiguli kanye nesihlobo njengoba besengaphansi kweso lomnyango.

Umnyango uphakamisa nokubonga okukhulu kulabo abasabele ngokushesha ngesikhathi bememezwa endaweni yesigameko. Bonke abathintekile basemiqondweni nasemikhulekweni yethu.

Ezisematheni

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

UNkambule wethembisa into yamehlo kumaCrown Awards alo nyaka

NGUMBHISHOBHI uMpendulo Nkambule nowakwakhe ongasekho uNkk Zanela Mbokazi-Nkambule. UVUME izingqinamba abahlangabezane nazo umBhishobhi Mpendulo Nkambule, ngemuva kokudlula emhlabeni kukaNkk Zanele Mbokazi-Nkambule ongumsunguli weCrown Gospel Awards. Uthi lokhu kwenze...

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....