
UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, ucacise ngokungaklonyeliswa koMkhuzi wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal, uJenene Nhlanhla Mkhwanazi, emcimbini wokuklomelisa izisebenzi zikahulumeni, iminyango, omasipala baseKZN, izinhlangano ezingayenzi inzuzo nosomabhizinisi abenza kahle, kwiKwaZulu-Natal Premier’s Excellence Awards.
UNtuli ubekhuluma kulo mcimbi obungoLwesihlanu eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre, eThekwini. Uthe inhloso yomcimbi wukubonga nokugqugquzela ukwenza kahle nokukhuliswa kwesifundazwe emikhakheni eyehlukene. Uthe lokhu kuzogqugquzela nabanye ukuba basisebenzele isifundazwe.
“Nakuba zikhona izinkinga, kodwa laba abahlonishwayo, bakwazile ukuziphendula (izinkinga) zaba yinto enhle, eletha ushintsho emphakathini. Ngalokho-ke sizobachoma uphaphe lwegwalagwala, sithi mabame njalo, baqhubeke nokubeka isifundazwe phambili,” kusho uNtuli.
Uthi uyakuqonda ukuthi iningi lezakhamizi zakuleli zizozibuza ukuthi uMkhwanazi usale kanjani ekuklonyelisweni kwabenza kahle esifundazweni.
“Bekuyisifiso sethu ukuthi uNdonga simhloniphe ngomsebenzi omuhle awenza kulesi sifundazwe, kodwa ngenxa yehhovisi eliphezulu akulona, kasivumelekile ukumklomelisa kulo mcimbi. Nakuba kunjalo, umsebenzi awenzela isifundazwe uyabonakala, futhi siyawuthakasela.
“Okuhle wukuthi umsebenzi wakhe usewutshale nakwabanye ozakwabo, esingabala kubona uMkhuzi wamaPhoyisa aseKZN obambile, uJenene uPhumelele Makhoba. UJenene uMakhoba ukhombise isibindi, wakwazi ukuvimba inhlekelele ebingase yenzeke ngomhla ka-30 wenyanga eyedlule ngesikhathi izakhamizi zibhikishela abokufika abakuleli ngokungemthetho. Siyafisa nabanye babukele kuNdonga, bathande isifundazwe, basifisele okungcono,” esho.
Kulo mcimbi kube sekuklonyeliswa izisebenzi ezihola iminyango yazo ngobuqotho. Phakathi kwemiklomelo eziyitholile kubalwa izitifiketi, izindondo, imali nohambo lwababili oluyimpelasonto eyodwa olungabiza u-R20 000.







