
ISITESHI sikamabonakude iMzansi Magic sesiphawulile ngezinkulumo eseziqubukile nokwenzeke ohlelweni iBig Brother Mzansi S5 olukhonjiswa esiteshini esiyisipesheli Channel 198.
Kulolu hlelo oluhlanganisa abantu abangazani bahlaliswe ndawonye emzini owodwa ngoLwesibili ababukeli bazwakalise ukunengeka ngenkulumo yomunye wabanganele u-Ashley-Ogle ophawule ngesigameko esenzeka komunye kule ndlu uKB.
Kuzokhumbuleka ukuthi uKB waphumela obala ngokuthi wake wahlangabezana nesigameko sokudlwengulwa.
U-Ashley exoxa nozakwabo uSweet Guluva ubize uKB ngoRape Girl.
Le nkulumo inenge abbaningi ezinkundleni zokuxhumana abanye basabisa nangokubhalela uBCCSA bekhononda ngalesi senzo.
Kunabanye abazwakalise ukunengeka ngaye u-Ashley ngokuqhulula inhlamba ebiza uMshini ngaphansi kweziketi zikanina. Abanye bagxeke uMshini ngokubiza u-Ashley ngenkawu.
Konke lokhu obekwenzeka kule ndlu abanye bakhombise ukunengeka abanye bababela ezinkundleni zokuxhumana befuna uBig Brother athathe izinyathelo kulabo abathintekayo ngokungcolisa igama lalolu hlelo.
Siphawula ngalokhu lesi siteshi esingaphansi kweMultichoice sithe siyakuthakasela ukuthi abantu bakhombisa intshisekelo ngokwenzekayo kulolu hlelo futhi bayakubonga nokusukumela phezulu uma kukhona abangakuthakaselikulona.
Isitatimende esikhishwe ngabakwaMzansi Magic sithe imibono nezinkulumo ezikhulunywa ngabangenele lolu hlelo kazihlangene noMzansi Magic nabaxhasi balolu hlelo okuyiLottoStar, Robertson’s Spice neChillers Punch.
“Imithetho kaBig Brothers kule ndlu ibalulekile futhi ithathelwa phezulu.
UBig Brother uzoqhubeka nokubhekana nezigameko zokungahloniphi neziphambene nomthetho wale ndlu yakhe.
Nakuba engeke abaphoqe abangenele kule ndlu ukuthi baxolise ngokuziphatha kwabo kodwa uzoqinisekisa ukuthi bayahloniphana,” kuphetha isitatimende.