Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 IMzansi Magic iphawula ngolweBig Brother Mzansi S5

IMzansi Magic iphawula ngolweBig Brother Mzansi S5

by | 22 January 2025

ISITESHI sikamabonakude iMzansi Magic sesiphawulile ngezinkulumo eseziqubukile nokwenzeke ohlelweni iBig Brother Mzansi S5 olukhonjiswa esiteshini esiyisipesheli Channel 198.

Kulolu hlelo oluhlanganisa abantu abangazani bahlaliswe ndawonye emzini owodwa ngoLwesibili ababukeli bazwakalise ukunengeka ngenkulumo yomunye wabanganele u-Ashley-Ogle ophawule ngesigameko esenzeka komunye kule ndlu uKB.

Kuzokhumbuleka ukuthi uKB waphumela obala ngokuthi wake wahlangabezana nesigameko sokudlwengulwa.

U-Ashley exoxa nozakwabo uSweet Guluva ubize uKB ngoRape Girl.

Le nkulumo inenge abbaningi ezinkundleni zokuxhumana abanye basabisa nangokubhalela uBCCSA bekhononda ngalesi senzo.

Kunabanye abazwakalise ukunengeka ngaye u-Ashley ngokuqhulula inhlamba ebiza uMshini ngaphansi kweziketi zikanina. Abanye bagxeke uMshini ngokubiza u-Ashley ngenkawu.

Konke lokhu obekwenzeka kule ndlu abanye bakhombise ukunengeka abanye bababela ezinkundleni zokuxhumana befuna uBig Brother athathe izinyathelo kulabo abathintekayo ngokungcolisa igama lalolu hlelo.

Siphawula ngalokhu lesi siteshi esingaphansi kweMultichoice sithe siyakuthakasela ukuthi abantu bakhombisa intshisekelo ngokwenzekayo kulolu hlelo futhi bayakubonga nokusukumela phezulu uma kukhona abangakuthakaselikulona.

Isitatimende esikhishwe ngabakwaMzansi Magic sithe imibono nezinkulumo ezikhulunywa ngabangenele lolu hlelo kazihlangene noMzansi Magic nabaxhasi balolu hlelo okuyiLottoStar, Robertson’s Spice neChillers Punch.

“Imithetho kaBig Brothers kule ndlu ibalulekile futhi ithathelwa phezulu.

UBig Brother uzoqhubeka nokubhekana nezigameko zokungahloniphi neziphambene nomthetho wale ndlu yakhe.

Nakuba engeke abaphoqe abangenele kule ndlu ukuthi baxolise ngokuziphatha kwabo kodwa uzoqinisekisa ukuthi bayahloniphana,” kuphetha isitatimende.

Ezisematheni

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UKhuzani uchaze ngenzondo yasemndenini

UZONDWE amalungu omndeni wakhe umculi kamaskandi uKhuzani "iNdlamlenze" Mpungose ngoba ethi uyaphi ngaphansi kwenkampani yeZingane Zoma ngoba umsunguli wayo uMnu Shobeni Khuzwayo wabulala uMgqumeni "iBhova LikaDikadika" Khumalo (ongasekho). UKhuzani uveze lokhu...

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

Uphume ngebheyili ka-R20 000 unkosikazi kaMatlala naboshwe nabo

BADEDELWE ngebheyili ka-R20 000 umuntu ngamunye uNkk Tsakane Matlala nababili abeboshwe nabo ngecala lokuqasha indawo eseWaterkloof  ebiza u-R95 000 ngenyanga okuthiwa basebenzise isivumelwano somgunyathi abathi isona esiqinisekisa ukuyiqasha kwabo. UTsakane...

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

Uzobuyela enkantolo ngelizayo uJenene Sibiya

IPHINI likaKhomishana wamaPhoyisa, elisamisiwe emsebenzini, uJenene Shadrack Sibiya (osesithombeni), lizobuyela enkantolo ngoLwesibili oluzayo lomhla ka-29 kuMandulo (September), liyofaka isicelo sebheyili. USibiya uboshwe ngoMsombuluko, wavela kafushane eNkantolo...