Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UXolly Mncwango uthobekile ngothando aluthole kubalandeli

UXolly Mncwango uthobekile ngothando aluthole kubalandeli

by | 22 April 2025

UQOPHE umlando umculi we-gospel uXolly Mncwango ngokudayiswa ubuthaphuthaphu kwamathikithi omcimbi wakhe, iThe Unusual Encounter ozoba seNkosi Albert Luthuli International Convention Center (ICC) emumatha abantu abawu-12 000, waze waphoqeleka ukuba avule usuku lwesibili.

Le ntokazi izakhele ugazi ngesikhathi iqala ukubonakala kwiJoyos Celebration eminyakeni eyedlule, kusukela lapho itshengise ukukhula kulo mkhakha. Echaza ngokudayisa kwamathikithi uthe: “Ngizizwa ngithobekile kakhulu ngendlela abantu abangitshengise uthando ngayo. Ngijabule ngendlela engingakwazi nokuyichaza, ukuthola ukusekwa ngale ndlela esifundazweni sakithi kwenza ngithobeke,” esho.


Uthi amathikithi osuku lokuqala aphela ezinsukwini eziwu 7 eqalile ukudayisa, abantu ezinkundleni zokuxhumana bamncenga ukuba avule usuku lwesibili. Uthi nawo asedayise u-75% wamathikithi osuku lwesibili. “Ngangizitshele ukuthi ngizomaketha umcimbi kakhulu kepha ngagcina ngingasakwenzanga lokho wazidayisa wona, abantu bakhuluma nangawo ezinkundleni zokuxhumana,” kuchaza uXolly.


“Ngiyakubonga ukuthi uNkulunkulu usebenzise mina ukuqopha umlando omuhle kangaka. Ngifisa singamaciko e-gospel siphakamisane njengoba kwenzeka nakumaskandi. Uma kuphumelela oyedwa lokho kusho ukuthi siphumelele sonke, kumele sijabulelane. Izinto zikaThixo kazichazeki, ngiswele amazwi okuchaza injabulo enginayo. Ngifisa noma ngubani olahlekelwa yithemba, abuke mina bese ezwa libuya ngoba uJehova ungiphakamisile,” esho.


UXolly waziwa kakhulu ngezingoma ezithi Liyabasebenzela, Be Lifte, Yebo Nkosi, Ngiyamazi uMhlengi Wami nezinye.

tzondi@ilanganews.co.za

Ezisematheni

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

ITransnet nezinhlelo zokusondela emphakathini

INKAMPANI kahulumeni ephethe amachweba nezitimela eNingizimu Afrika  iTransnet  idalule ukuthi noma iyisizinda somnotho kuleli kodwa ibingakaze izinike isikhathi sokuthi iqinisekise ukuthi ekwenzayo kufinyelela ngendlela kubantu. Lokhu kuvele ngesikhathi...

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UNomvalo uchithwe kwesikaNobhala weMKP

UMKHONTO weSizwe Party (MKP) uchithe esikhundleni unobhala jikelele weqembu, uMnu Sibonelo Nomvalo wafaka, uNkz Lindiwe Mtshali esikhundleni sakhe. Izinguquko zenzeke emva kophenyo lwangaphakathi oluveza ukuthi uNomvalo kukhona izinto angazihambisi kahle eqenjini...

“Uma ningavoti azobuya amasela”

“Uma ningavoti azobuya amasela”

UMHOLI nomsunguli weMarch and March, uNkk Jacinta Ngobese-Zuma uthi abantu abaphume ngobuningi babo, bayovota ngoLwesithathu, lomhlaka 4 kuLwezi (November). Uthi, uma abantu bengavoti, amasela nezikhohlakali, bazoqhubeka babesemandleni. Amalungu eMarch and March,...