Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UXolly Mncwango uthobekile ngothando aluthole kubalandeli

UXolly Mncwango uthobekile ngothando aluthole kubalandeli

by | 22 April 2025

UQOPHE umlando umculi we-gospel uXolly Mncwango ngokudayiswa ubuthaphuthaphu kwamathikithi omcimbi wakhe, iThe Unusual Encounter ozoba seNkosi Albert Luthuli International Convention Center (ICC) emumatha abantu abawu-12 000, waze waphoqeleka ukuba avule usuku lwesibili.

Le ntokazi izakhele ugazi ngesikhathi iqala ukubonakala kwiJoyos Celebration eminyakeni eyedlule, kusukela lapho itshengise ukukhula kulo mkhakha. Echaza ngokudayisa kwamathikithi uthe: “Ngizizwa ngithobekile kakhulu ngendlela abantu abangitshengise uthando ngayo. Ngijabule ngendlela engingakwazi nokuyichaza, ukuthola ukusekwa ngale ndlela esifundazweni sakithi kwenza ngithobeke,” esho.


Uthi amathikithi osuku lokuqala aphela ezinsukwini eziwu 7 eqalile ukudayisa, abantu ezinkundleni zokuxhumana bamncenga ukuba avule usuku lwesibili. Uthi nawo asedayise u-75% wamathikithi osuku lwesibili. “Ngangizitshele ukuthi ngizomaketha umcimbi kakhulu kepha ngagcina ngingasakwenzanga lokho wazidayisa wona, abantu bakhuluma nangawo ezinkundleni zokuxhumana,” kuchaza uXolly.


“Ngiyakubonga ukuthi uNkulunkulu usebenzise mina ukuqopha umlando omuhle kangaka. Ngifisa singamaciko e-gospel siphakamisane njengoba kwenzeka nakumaskandi. Uma kuphumelela oyedwa lokho kusho ukuthi siphumelele sonke, kumele sijabulelane. Izinto zikaThixo kazichazeki, ngiswele amazwi okuchaza injabulo enginayo. Ngifisa noma ngubani olahlekelwa yithemba, abuke mina bese ezwa libuya ngoba uJehova ungiphakamisile,” esho.


UXolly waziwa kakhulu ngezingoma ezithi Liyabasebenzela, Be Lifte, Yebo Nkosi, Ngiyamazi uMhlengi Wami nezinye.

tzondi@ilanganews.co.za

Ezisematheni

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

Benqatshelwe ibheyili onogada ‘abahlasela’ umshayeli we-Uber

YIZITHOMBE ezithwetshulwe kwiVideo yesigameko esenzeka KwaNdengezi, ebonisa umshayeli we-Uber ehlaselwa ngonogada bamatekisi emigwaqweni (patrollers). BAZOBUYELA enkantolo ngoLwesithathu abalisa abathathu abangabaqaphi bamatekisi emgwaqweni (patrolers) abasolwa...

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

Mkhulu kakhulu umehloko phakathi komhlonyane nomemulo

NGUMLINGISI uHope Mbhele ngesikhathi enzelwe umemulo. Sikhulume ngembeleko ngokwedlule. Nokho siyichaze njengalokhu seyazeka esikhathini sanamhlanje ngoba singafuni ukuxuba, sizithole sekudidaniseka nomhlonyane owenzelwa ingane yentombazane lapho isithombile. Imbeleko...

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

Kwakhiwa ubumbano lothisha ngezemidlalo

BAZOKWAKHA uzinzo ngokuhlelwa kwemidlalo yebhola yothisha kwinyunyana ebekade kungabonwa ngaso linye kuyona emuva kwengqungquthela yokukhethwa kobuholi obusha nyakanye. INational Teachers Union (Natu) ihlele imidlalo yothisha mhlaka 25 no 26 kuyona lenyanga...