Ilanga News
Home 9 Entertainment 9 UMseleku unyelwe yinyoni esandleni eqokwa kowezindondo

UMseleku unyelwe yinyoni esandleni eqokwa kowezindondo

by | 22 October 2025

“IZINKULUMO zezinkundla zokuxhumana kazifani nalezo abantu abazishoyo uma sebehlangana nawe ubuso nobuso.” Lawa ngamazwi kaMnu Musa Mseleku onyelwe yinyoni esandleni ngokuqokwa kwakhe nezinhlelo zakhe emcimbini wokuklomelisa abasemkhakheni wezikamabonakude namafilimu, iNational Film and Television Awards.

Kulo mcimbi uMseleku uqokwe emunxeni weBest Male Personality, kanti izinhlelo ezingaphansi kwenkampani yakhe iThanx Ma Productions – Uthando Nes’thembu neZingane Zesithembu – zibanga emunxeni weBest Non-Scripted TV Series.

Ekhuluma neLANGA uMseleku, uthe ukuqokwa kwakhe nezinhlelo zakhe kusho khona ukuthi usefikile kulo mkhakha, futhi ukusebenza kwakhe kanzima sekuyabonakala. Uthe ngesikhathi eqala kulo mkhakha, kuningi ayedunguza ebumnyameni ngakho, kodwa ngokuhamba kwesikhathi encela ulwazi, elusebenzisa ukuzithuthukisa, usevuna izithelo.

“Ukuveza impilo yakho kumabonakude akulula njengoba abantu becabanga, kuningi esihlangabezane nakho siwumndeni, kodwa okuhle wukuthi sisamile, futhi sisayibambile,” esho.

Usho kanjena nje uMseleku, ubeke athole ukugxekwa ngendlela asingatha ngayo isithembu sakhe nangemigudu ayilandelayo ukugcina isithembu sakhe. Utshele leli phephandaba ukuthi abantu bezinkundla zokuxhumana kabafani nabantu ahlangana nabo, nalabo abakuqondayo ukusebenza kukamabonakude.

“Ezinkundleni zokuxhumana abantu bebehlala bebhala izinto eziningi ngathi, kodwa okuhle wukuthi akekho oke wahlangana nami, washo izinto ebesizifunda ezinkundleni zokuxhumana. Kangisho ukuthi akumele sigxekwe, kodwa abantu uma sihlangana nabo, bakhombisa ukukuthakasela esikwenzayo kulezi zinhlelo,” esho.

Uthi ubengakulindele ukuqokwa, ikakhulukazi emunxeni weBest Male Personality.

“Kuyintokozo ukuqokwa ngoba kukhombisa ngokusobala ukuthi kukhona abantu abakuthokozelayo ngathi, nalokhu esizama ukubakhombisa khona ngesithembu,” esho.

UMseleku uqhudelana nabanye osaziwayo okubalwa kubo uKatlego Maboe, uLawrence Maleka, uSmash Afrika, uGreame Richards, uLasizwe Dambuza noXolani Maphanga kulo munxa. Izinhlelo zakhe Uthando Nes’ Thembu neZingane Zes’ Thembu, zona ziqhudelana nezinye okubalwa kuzo i-Uyajola 9/9, iThe Mommy Club, iMakoti, i-Are You The One, iYoung, Famous & African, iThe Ultimatum: South Africa, iBig Brother Mzansi S5, iThe Catch neX-Repo.

Kulo mcimbi abanqobile basuke bevotelwe wumphakathi njengoba kusetshenziswa i-website ethi www.nationalfilmacademy.com ukuvota nokuthola eminye imininingwane.

Ezisematheni

IMadlanga ibopha odalule ufakazi obefihliwe kwikhomishana

IMadlanga ibopha odalule ufakazi obefihliwe kwikhomishana

IKHOMISHANA kaMadlanga izothathela izinyathelo osolwa ngokuveza omunye wofakazi abebefakaza kule khomishini befihliwe. Lokhu kudalulwe yiJaji eselathatha umhlalaphansi elinguSihlalo wekhomishini uJaji Mbuyiseli Madlanga. Uveze ukuthi ikhomishini izovula amacala...

IMarch and March iyaziqhelelanisa noNgizwe

IMarch and March iyaziqhelelanisa noNgizwe

INHLANGANO eqhuba umkhankaso wokuxosha abokufika eNingizimu Afrika abangenamaphepha okuba kuleli iMarch and March isichithe owayengumsakazi woKhozi FM, uNgizwe Mchunu ukuthi asebenzisane nayo. Umholi weMarch and March, uNk Jacinta Ngobese-Zuma ukhiphe isitatimede...