
INANDA isahamba phambili KwaZulu-Natal ngamacala okubulawa kwabantu. Nakuba kubikwa ukuthi ehlile amacala okubulawa kwabantu avulwe esiteshini samaphoyisa saseNanda, kodwa lesi siteshi sisazihola zonke esifundazweni ngamacala okubulawa kwabantu.
Lokhu kuvele ezibalweni zakamuva zamacala obugebengu enzeke phakathi kuka-Okthoba noDisemba nyakenye (2024), ezethulwe ngoLwesihlanu nguMnu Senzo Mchunu onguNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke.
Kubikwa ukuthi angu-65 amacala okubulawa kwabantu avulwe esiteshini saseNanda phakathi kuka-Okthoba noDisemba. Lesi sibalo sikhomba ukwehla ngo-30,1% uma kuqhathaniswa nangesikhathi esifanayo ngo-2023, lapho kwakuvulwe khona amacala awu-95.
Kulesi sifundazwe, isiteshi esilandela esaseNanda ngamacala okubulawa ngesaseMlazi, kulandele iMpumalanga (yaseThekwini), kube ngesaKwaMashu kwa-E, bese kuba yiVerulam.
Zonke lezi ziteshi zaseThekwini ezihamba phambili ngamacala okubulala kulesi sifundazwe, zibalwa kweziwu-30 ezihamba phambili ezweni lonke ngamacala okubulala.
Kuzwelonke isiteshi saseNanda sikleliswe kunombolo 5 ngamacala okubulawa kwabantu; kuthi esaseMlazi sibe unombolo 10 kuzwelonke; esaseMpumalanga (eThekwini) sibe ngunombolo 20; esaKwaMashu kwa-E sibe ngunombolo 25 kuzwelonke; kuthi esaseVerulam sibe wunombolo 29 kuzwelonke.
Awu-6 953 esewonke amacala okubulawa kwabantu avulwe phakathi kuka-Okthoba noDisemba kuzwelonke.
Isibhamu kubikwa ukuthi yisona sikhali esisahamba phambili, esisetshenziswa emacaleni okubulala.







