Ilanga News
Home 9 Featured 9 INanda isahamba phambili KwaZulu-Natal ngokubulawa kwabantu

INanda isahamba phambili KwaZulu-Natal ngokubulawa kwabantu

by | 21 February 2025

INANDA isahamba phambili KwaZulu-Natal ngamacala okubulawa kwabantu. Nakuba kubikwa ukuthi ehlile amacala okubulawa kwabantu avulwe esiteshini samaphoyisa saseNanda, kodwa lesi siteshi sisazihola zonke esifundazweni ngamacala okubulawa kwabantu.

Lokhu kuvele ezibalweni zakamuva zamacala obugebengu enzeke phakathi kuka-Okthoba noDisemba nyakenye (2024), ezethulwe ngoLwesihlanu nguMnu Senzo Mchunu onguNgqongqoshe wamaPhoyisa kuzwelonke.

Kubikwa ukuthi angu-65 amacala okubulawa kwabantu avulwe esiteshini saseNanda phakathi kuka-Okthoba noDisemba. Lesi sibalo sikhomba ukwehla ngo-30,1% uma kuqhathaniswa nangesikhathi esifanayo ngo-2023, lapho kwakuvulwe khona amacala awu-95.

Kulesi sifundazwe, isiteshi esilandela esaseNanda ngamacala okubulawa ngesaseMlazi, kulandele iMpumalanga (yaseThekwini), kube ngesaKwaMashu kwa-E, bese kuba yiVerulam.

Zonke lezi ziteshi zaseThekwini ezihamba phambili ngamacala okubulala kulesi sifundazwe, zibalwa kweziwu-30 ezihamba phambili ezweni lonke ngamacala okubulala.

Kuzwelonke isiteshi saseNanda sikleliswe kunombolo 5 ngamacala okubulawa kwabantu; kuthi esaseMlazi sibe unombolo 10 kuzwelonke; esaseMpumalanga (eThekwini) sibe ngunombolo 20; esaKwaMashu kwa-E sibe ngunombolo 25 kuzwelonke; kuthi esaseVerulam sibe wunombolo 29 kuzwelonke.

Awu-6 953 esewonke amacala okubulawa kwabantu avulwe phakathi kuka-Okthoba noDisemba kuzwelonke.
Isibhamu kubikwa ukuthi yisona sikhali esisahamba phambili, esisetshenziswa emacaleni okubulala.

Ezisematheni

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

Umlando uRamaphosa ebangusihlalo weSADC

NGUMENGAMELI wakuleli uMnu Cyril Ramaphosa nowaseZimbabwe uMnu Emmerson Mnangagwa. UMENGAMELI waseNingizimu Afrika uMnu Cyril Ramaphosa, usenguSihlalo weSouthern African Development Community (SADC). Uqokelwe kulesi sikhundla ngoMsombuluko, ethatha izintambo...

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

UDuduzane uthi akazele izikhundla kwiMK Party

USEPHAWULE okokuqala uDuduzane Zuma ngokuqokwa kwakhe ukuba yiphini lokuqala likaMengameli weMK Party. Leli qembu lenze izinguquko emasontweni edlule, lakhipha ezikhundleni abantu abebethathwa njengezinsika zayo, uMnu Nathi Nhleko noDkt John Hlophe. UDuduzane,...