Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kunxuswa amabutho ukuzihola phambili empini yobugebengu

Kunxuswa amabutho ukuzihola phambili empini yobugebengu

by | 18 March 2025

INXUSE amabutho ezizwe zamakhosi ukuba abe ngamanxusa ahamba phambili emikhankasweni yokulwa nobugebengu iNkosi uSifiso Shinga, enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu KwaZulu-Natal.

INkosi uShinga beyethula inkulumo yokweseka imbizo yokulwisana nobugebengu ebibanjelwe enkundleni yezemidlalo edolobheni eMzimkhulu.

“Amakhosi kufanele kube yiwona ahamba phambili emikhankasweni yokulwa nobugebengu. Ikhambi elizosiza ekunqotshweni kwempi yobugebengu wukuthi amakhosi ezizwe abize ezawo izimbizo, lapho khona ezokhuluma namabutho nezinduna zawo, kube yiwo (amabutho) ahamba phambili ekulweni nobugebengu.

“Sinxusa izinhlaka zezomthetho ukuthi ziqinise isandla kubona bonke abathinteka ezigamekweni zobugebengu, kungabhekwa ukuthi icala lithinta bani. Ngisho nawo amakhosi kufanele aboshwe uma ethinteka ebugebengwini,” kusho uShinga.

Ezisematheni

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

‘Iqukethe amanyundululu’ incwadi efungelwe kaMatlala

KUVELA amagama osopolitiki, izikhulu zamaphoyisa nokuhlomula ngenkontileka yohlelo lweNational Health Insurance (NHI), encwadini efungelwe, egcine isabalele ezinkundleni zokuxhumana kaMnu Vusimuzi “Cat” Matlala (osesithombeni). Ngale ncwadi uMatlala wayefuna...