Ilanga News
Home 9 Featured 9 Kunxuswa amabutho ukuzihola phambili empini yobugebengu

Kunxuswa amabutho ukuzihola phambili empini yobugebengu

by | 18 March 2025

INXUSE amabutho ezizwe zamakhosi ukuba abe ngamanxusa ahamba phambili emikhankasweni yokulwa nobugebengu iNkosi uSifiso Shinga, enguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu KwaZulu-Natal.

INkosi uShinga beyethula inkulumo yokweseka imbizo yokulwisana nobugebengu ebibanjelwe enkundleni yezemidlalo edolobheni eMzimkhulu.

“Amakhosi kufanele kube yiwona ahamba phambili emikhankasweni yokulwa nobugebengu. Ikhambi elizosiza ekunqotshweni kwempi yobugebengu wukuthi amakhosi ezizwe abize ezawo izimbizo, lapho khona ezokhuluma namabutho nezinduna zawo, kube yiwo (amabutho) ahamba phambili ekulweni nobugebengu.

“Sinxusa izinhlaka zezomthetho ukuthi ziqinise isandla kubona bonke abathinteka ezigamekweni zobugebengu, kungabhekwa ukuthi icala lithinta bani. Ngisho nawo amakhosi kufanele aboshwe uma ethinteka ebugebengwini,” kusho uShinga.

Ezisematheni

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

Owokufika ufuna u-R155 000 ekhehleni elimxosha endaweni yalo

LIBHEKENE nengwadla ikhehla (73), laseGamalakhe, ePort Shepstone, eliphila nokukhubazeka, eligolozelwa ngowokufika okuthiwa uqashe isitolo salo. UMnu Jimmy Mnguni (73), uthi usezame wahluleka ukukhipha lona wokufika oqashe esitolo sakhe. Uthi umtshela emehlweni ukuthi...

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

Limshonele owathumba wadlwengula umakhelwane okhubazekile

INkantolo yesiFunda ePinetown igwebe udilikajele owesilisa olahlwe ngamacala okuthumba nokudlwengula owesifazane esigamekweni esenzeka ngoSeptember 2024. Isisulu kubikwa ukuthi siphila nokukhubazeka ngokwengqondo nangokomzimba, futhi siyazana nalona wesilisa....

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

Kuxwayiswa umphakathi ngabaqola abantu ngemisebenzi yasemaphoyiseni

AMAPHOYISA ase-Eastern Cape asekhiphe isixwayiso emphakathini ngezigebengu eziqola abantu ngokubathembisa umsebenzi embuthweni wamaphoyisa. Ngokwesitatimende samaphoyisa akulesiya sifundazwe, lezi zigilamkhuba eziqola abantu abasuke bebheka imsebenzi, bese zizenza...