Ilanga News
Home 9 Ezikaqedisizungu Featured 9 Uzokhunjulwa ngezindlela ezahlukene uPresley Chweneyagae

Uzokhunjulwa ngezindlela ezahlukene uPresley Chweneyagae

by | 29 May 2025

UZOKHUNJULWA ngamancoko nokuzifela ngomsebenzi wakhe wobuciko umlingisi uPresley Chweneyagae odlule ngoLwesibili emhlabeni kulandela ukuhlaselwa inkinga yokuhluleka wukuphefumula. Okhulumela umndeni wakwaChweneyagae, uMnu Mzwakhe Sigudla uveze ukuthi uPresely ubhekane nale nkinga ezintatha zangoLwesibili ngaphambi kokuba kubizwe abezimo eziphuthumayo.

“Bafike ngokushesha bakwenza konke okusemandleni ukuzama ukuhlenga impilo yakhe kodwa ngeshwa besekuyisikhathi sakhe,” kusho uSigudla etshela abezindaba. Ubonge imiyalezo yenduduzo elokhu ingene njalo kusukela kuzwakale lezi zindaba njengoba bebaningi abashaqekile ngalezi zindaba kwazise ugcine ukubonakala ehamba nabangani bakhe ngeSonto esemcimbini kaSjava, ePretoria. USigudla uchaze uPresely njengomuntu obekhululekile futhi ekukhonzile ukuhlale encokola nabantu abaseduze naye. Umchaze njengomuntu obezifela ngomsebenzi wakhe ezobucuko kanjalo nomndeni wakhe.


U-Audrey Sekhabi ongomunye wabangani bakaPresely abenaye ngeSonto emcimbini kaSjava uthe, bekumnandi bezijabulele bengasoli lutho. Uthe usuku lwangeSonto akasophinde alukhohlwe empilweni yakhe njengoba yilapho agcine ukuchitha isikhathi nomngani wakhe weminyaka. Uveze ukuthi ngalolu suku uPresely wayekhululekile bethatha nezithombe njengoba baze bahlukana ngezintatha.

“Ngikhumbula namazwi engawasho sesihlukana ukuthi ngicela athumelele izithombe ebesizithatha ndawonye,” kusho uSekhabi eveza ukuthi ngeshwa ugcine engazitholanga izithombe abezicelile. Uthe kubuhlungu ngendlela lo mlingisi adlule ngayo njengoba ethole izindaba zokudlula kwakhe engazelele.

USigudla uveze ukuthi bahlela ukuthi kube nezinkonzo ezimbili zesikhumbuzo zalo mlingisi, eyokuqala behlela ukuthi ibanjelwe lapho edabuka khona eMahikeng ngoLwesibili ozayo bese kuthi eyesibili ibanjelwe ePretoria ngoLwesine ozayo, bahlela ukumbeka endlini yakhe yokugcina ngoMgqibelo ozayo. UPresley wazakhela udumo edlala indawo ephambili kwifilimu iTsotsi eyaqopha umlando ngokuba ngeyokuqala ukuklonyeliswa ngendondo ye-Oscar.

Ulingise emidlalweni eyahlukene kumabonakude okubalwa kuyo iThe River neCobrizi. Uzakhele udumo kule midlalo ngenedlela abelingisa ngayo nangendlela abegqoka ngayo futhi ekhuluma nesiNgisi ngendlela eyahlukene. Amaqembu ezepolitiki okubalwa kuwo i-ANC, EFF ne-IFP adlulise amazwi enduduzo ngokudlula kwakhe emhlabeni kanjalo nohulumeni kazwelonke.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...