Ilanga News
Home 9 Featured 9 UGodongwana akayincunzanga impesheni yezalukazi

UGodongwana akayincunzanga impesheni yezalukazi

by | 22 May 2025

AKUNAZINGUQUKO ezitheni ezenziwe kwisabeLo sezibonelelo zikahulumeni.
Kwisabelomali asethule ngoLwesithathu uMnu Enoch Godongwana onguNgqongqoshe wezeMali, umemezele ukuthi umholo wezalukazi uzoqhubeka ngendlela ekwakumenyezelwe ngoNdasa (March) ukuthi wenyuka ngayo kulo nyaka.


Kwisabelomali sangoNdasa esihoxisiwe uGodongwana wayememezele ukuthi ngoMbasa (April) lo mholo wezalukazi wenyuswa ngo-R120, bese kuthi ngoMfumfu (October) nonyaka wenyuswe ngo-R10. Lokhu kuzowenza ubewu-R2 320.
UGodongwana uphinde waphawula ngesibonelelo sabangasebenzi sesikhashana, esasungulwa wuhulumeni emuva kokubheduka kweCovid-19, esibizwa ngokuthi yiSocial Relief of Distress (SRD). Uthe lesi isikhathi salesi sibonelelo sizokwelulwa kuze kube sekupheleni kukaNdasa ngonyaka ozayo.


Namanje uGodongwana akakaphumi nazwi eliqondile ngokuthi ngabe lesi sibonelelo sizokweguqulwa yini sibe wumholo omileyo, okungewona owesikhashana. Sekunesikhathi izinhlangano ezahlukene zomphakathi okubalwa kuzo iPayTheGrants kanye neBlack Sash nezinye, zilwela ukuba lesi sibonelelo siguqulwe sibe ngesizotholakala unomphela iBasic Income Grant (BIG), singalokhu siphelelwa yisikhathi. Lezi zinhlangano zilwela nokuba sikhushulwe ngoba zithi mncane kakhulu lo R370 oholwa njengamanje.


UGodongwana uthe uhulumeni usaqhubeka nokubhekisisa izindlela zokuthuthukisa sihambisane nokwandiswa kwathuba emisebenzi.
Kulezi zindlela athi zibhekwa wuhulumeni kuhlanganisa nokucutshungulwa kwezibonelelo zabafuna umsebenzi kanye nezinye izindlela. Uthi inhloso kahulumeni akukhona nje ukunikezela ngosizo olusheshayo, kodwa wukuvula amathuba emisebenzi, ukuze abantu bakwazi ukuba namandla okuzakhela ikusasa labo nemindeni yabo.

Ezisematheni

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UNala uthi ubeselala nabokufika umkakhe

UMPHROFETHI osematheni kulezi zinsuku, uHamilton Qhoshangokwakhe (HQ) Nala, ngenxa yokuvela exabana namakhosikazi akhe ohlelweni lwethelevishini, uthi amathe azobuyela kwasifuba kwabaningi sekuvela amaqiniso. UNala ubekhuluma kuTiktok Live womelaphi wendabuko...

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

UJordaan ubuyele kweseSAFA ‘kukubi’

EMVA kwamasonto kunomjaho wesikhundla sozoba nguMengameli weSouth African Football Association (SAFA), obehleli kulesi sikhundla, uDanny Jordaan usephinde waqokwa kulesi sikhundla. Kulesi sikhundla uhlule isikhulu samaZulu FC, uSandile Zungu obesigaqele. UJordaan (75)...

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UNdunankulu ugqugquzele ukuhlonishwa kwamatshitshi emhlangeni

UBALULE ukubaluleka nokuhlonipha usiko lwesiZulu lokuhambisa umhlanga kwiSilo, uNdunankulu wakwaZulu-Natal, uMnu Thamsanqa Ntuli. UNtuli ukusho lokhu njengoba ehambele uMkhosi woMhlanga oqhubeka esigodlweni seSilo, eMashobeni ngoMgqibelo. Uncome izintombi eziyingxenye...