
SIKHOMBISA ukudideka noqhekeko isinqumo sesigungu esiphezulu se-ANC sokuchibiyela ubuholi bezifundazwe iGauteng neKwaZulu Natal. Lokhu kuvezwe umhlaziyi ozimele uMnu Zakhele Ndlovu ofundisa izifundo zePoliticak Science e-University of KwaZulu Natal.
Sekuyindaba esegudwini ukuthi ngempelasonto leli qembu lithathe isinqumo sokuthi kutshiyelwe izigungu eziphezulu zalezi zifundazwe kulandela ukuthi zingenzanga kahle okhethweni lwangonyaka owedlule.
UNdlovu uthe kuwumbhedo ukuthwesa emahlombe imiphumela yalolu khetho ikakhulukazi KwaZulu Natal njengoba kwaziwa ukuthi uMnu Jacob Zuma onomthelela omngakanani kulesi sifundazwe.
“Akekho umholi we-ANC obenqanda okwenzeke kulesi sifundazwe uZuma esephumele obala ngeMK Party.
Ngalokhu angisho ukuthi uDuma (Siboniso) noMtolo (Bheki) bebenza kahle ukuphatha leli qembu kulesi sifundazwe,” kusho uNdlovu ngalaba baholi uDuma onguSihlalo noMtolo onguNobhala.
UNdlovu uthe lokhu kuchitshiyelwa kobuholi kuwukuwukudlala ngamagama nje okwenziwa yileli qembu.
“Ngokubona kwami lokhu kusho ukuhlakazwa kwalobu buholi kodwa ngendlela ehloniphekile.
Vele uma kuhlakazwa ubuholi kwakhiwa isigungu esisuke sinabo ubuholi obudala nobengeziwe nalapha kuzoba njalo kuzohlanganiswa abaholi,” kusho uNdlovu eveza ukuthi ukunqunywa kwabo ukuthi bangaphawuli lutho oluthinta i-ANC kusho khona ukuthi sebenqindwe amandla.
UNdlovu uthe okunye akubonayo wukuthi i-ANC ihlukene phakathi esigungwini esiphezulu njengoba seziqalile izinkulumo zobuholi kwazise leli qembu kubhekwe ukuthi libambe umhlangano weNational General Council ozoba wumhlahlandlela wengqungquthela yokukhetha ubuholi ngo-2027.
“Kunabaholi esigungwini esiphezulu abafuna ukunyathela ngokucophelela ngoba bebhekwe ukwesekwa uma sekushaya isikhathi sokuthi kukhethwe ubuholi bukazwelonke beqembu ngakho yingakho bengathathi isinqumo esiqondile ngobuli kulezi zifundazwe ezithathwa njengezimqoka kulona,” esho.







